Ezemidlalo | 19
Friday, 06 June 2025
Mzwamandla Zondi
WETHEMBE isipiliyoni anaso ngeComrades Marathon uGerda Steyn obhekwe ngabomvu ukuba aqhubeke nokucanasa kulo mjaho omkhulukazi emhlabeni, ozokuba ngeSonto usukela eCity Hall eMgungundlovu usongwe eMoses Mabhida People's Park, eThekwini.
UGerda usenqobe lo mjaho kusukela ngo-2019, futhi nguyena ophethe irekhodi le-Down Run okuwu-5:44, awenze ngo-2023.
Kulo nyaka uzokube egijimela iHollywood Athletics Club ayijoyine kulo nyaka.
"Umjaho walo nyaka uzokuba nzima kakhulu njengoba bebaningi abasubathi besifazane abayingxenye yawo. Ngizogijima ngendlela engihlele ngayo. Okuhle wukuthi seyiminingi iminyaka ngiwugijima ngiwazi njengoba ngizazi.
"Nginethemba lokuthi ngeke ngibe nezinkinga ngosuku lo mjaho. Kunzima ukukhuluma ngerekhodi, nalokho kuzokuya ngokuthi umzimba wami unjani.
"Umjaho wangeSonto uzokube umude ngo-2km kunangoka-2023, okuyimizuzu ewu-8. Uma ngigijima ngisuke ngingabhekile irekhodi liyazenzekela," kusho uGerda.
Uma enqobile ngeSonto uzokwenza imali engaphezulu kwesigidi, okuwu-R874 000 ngokunqoba no-R200 000 ngokuba ngowokuqala wakuleli.
UGerda uzokube ebhekene nabasubathi abanohlonze okubalwa kubona u-Irvette van Zyl ozokube eqala ukugijima iComrades kulo nyaka.
Abanye abasubathi ababhekiwe ngoDikeledi Majara, nguGalaletsang Mekgoe, nguJenet Mbhele, nguNobuhle Tshuma, ngu-Alena Tatarinoba, ngu-Alexandra Morozova, nguDominika Stelmach, nguNoora Honkala noJenna Challenor.