Izindaba | 06
Friday, 23 May 2025
NGUTHANDI "Zisto" Mhlongo obengumsakazi weGagasi FM.
Lucky Cain
UMSAKAZO ozinze KwaZulu-Natal, iGagasi FM ucacisa ngesikhala esavuleka ngesikhathi kushiya omunye wabasakazi bawo uZisto, osejoyise i-East Coast Radio ngokugcwele, lapho eshayela khona uhlelo lwasekuseni ngezimpelasonto.
UZisto, ogama lakhe langempela nguThandi Mhlongo, ushiye iGagasi eshayela uhlelo lwantambama phakathi nezinsuku, ayelubambe nezinkakha zokusakaza uSphectacular noNaves.
Kusukela uZisto ashiya kwiGagasi ekupheleni kukaNdasa (March), akekho umsakazi owamenyezelwa njengozovala isikhala sakhe. Uhlelo luqhubekile nokushayelwa nguSphectacular noNaves.
NGUTHANDI "Zisto" Mhlongo obengumsakazi weGagasi FM.
Muva nje kulona lolu hlelo sekuzwakala u-Angel Ndlela ongusomabhizinisi wodumo lohlelo lukamabonakude, iReal Housewives of Durban. Sekuphele cishe amasonto amabili le ntokazi izwakala kulolu hlelo.
U-Angel ucele ukungaphawuli okwamanje ngokuba yingxenye yalolu hlelo, wanxusa ukuba kuxhunyanwe nabaphathi beGagasi.
UKhulekani Shandu okhulumela lo msakazo ohamba phambili KwaZulu-Natal uthe, okwamanje besingakavalwa isikhala sikaZisto. Uthe u-Angel usangumsakazi oyisimenywa (guest) kulolu hlelo.
Akacacisanga ngokuthi zikhona yini izinhlelo zokuthi lesi sikhala sigcine sivaliwe, nokuthi bahlela ukusivala nini.
NGU-ANGEL Ndlela wodumo kwiReal Housewives of Durban, ongumsakazi oyisimenywa ohlelweni lukaSphectacular noNaves kwiGagasi FM.
IGagasi ligabe ngabasakazi asebezakhele igama okubalwa kubo uFelix Hlophe osenohlelo lwempilo yakhe nomndeni wakhe kumabonakude, kuMzansi Magic, uMinnie Ntuli naye obonakala ohlelweni lukamabonakude iReal Housewives of Durban, uDJ Happygal, u-Alex Mthiyane, uKhaya Mthethwa, uDJ Sonic, uNjabs Zwane nabanye.