20 | Ezemidlalo
Friday, 15 August 2025
NGUMQEQESHI weSpurs, uThomas Frank.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UKHALA uyazithulisa uThomas Frank ongumqeqeshi weTottenham Hotspur yase-England ejikelwe esiswini njengotshwala yiParis Saint-Germain (PSG) yaseFrance ekhave u-2-0, yagcina inqoba ngo-4-2 wamaphenathi emdlalweni we-Uefa Super Cup ngoLwesithathu ebusuku.
Lo mdlalo ugcine uphela ngo-2-2 nje, iSpurs beyihamba phambili ngo-2-0 sekusele imizuzu ecela kwemihlanu ngaphambi kokuba abadlali bayo baphathwe wubuthongo, okwenze iPSG yashaya amagoli amabili okuyikhona okushabalalise amathemba ezikaFrank okwehlula izingqwele ze-Uefa Champions League.
"Besinethuba lokunqoba umdlalo, kodwa izinto zasiphika ekugcineni. Nakuba sehluliwe kodwa ngiyaziqhenya ngezinga elikhonjiswe ngabadlali bami kulo mdlalo njengoba kucacile ukuthi bangamelana nanoma iyiphi ikilabhu.
"Kubuhlungu khona ukwehlulwa ngalolu hlobo, kodwa sizokugwinya noma kubaba," esho.
NGABADLALI bePSG - beholwa ngukaputeni wabo, uMarquinhos (ophethe indebe) - bejabulela ukunqoba i-Uefa Super Cup.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
IPSG eyikilabhu yokuqala yaseFrance ukunqoba lo mqhudelwano, ithole ithuba lokugijima kuwona emuva kokubhabhadisa i-Inter Milan yase-Italy ngo-5-0 kowamanqamu we-Uefa Champions League ngesizini edlule, kanti iSpurs yona ingene ngokuba yizingqwele ze-Uefa Europa League ngokuhlula omkhaya bayo, iManchester United ngo-1-0.
Imidlalo ye-English Premier Laegue (EPL) yangempelasonto ihlelwe kanje:
NGOLWESIHLANU
Liverpool vs Bournemouth 21h00.
NGOMGQIBELO
Aston Villa vs Newcastle 13h30.
Brighton vs Fulham 16h00.
Sunderland vs West Ham 16h00.
Tottenham vs Burnley 16h00.
Wolves vs Man City 18h30.
NGESONTO
Chelsea vs Palace 15h00.
Forest vs Brentford 15h00.
Man United vs Arsenal 17h30.
NGOMSOMBULUKO
Leeds United vs Everton 21h00.
* EyeSpanish La Liga
NGOLWESIHLANU
Girona vs Rayo Vallecano 19h00.
Villarreal vs Oviedo 21h30.
NGOMGQIBELO
Mallorca vs Barcelona 19h30.
Alaves vs Levante 21h30.
Valencia vs Real Sociedad 21h30.
NGESONTO
Celta vs Getafe 17h00.
Athletic Club vs Sevilla 19h30.
Espanyol vs Atletico Madrid 21h00.
NGOMSOMBULUKO
Elche vs Real Betis 21h00.
NGOLWESIBILI
Real Madrid vs Osasuna 21h00.
* Eye-Eredivisie yaseNetherlands:
NGOLWESIHLANU
Telstar vs PEC Zwole 20h00.
NGOMGQIBELO
Excelsior vs Feyernoord 18h45.
Heracles vs NEC 20h00.
Groningen vs Heerenveen 21h00.
NGESONTO
Eagles vs Ajax 12h15.
Sparta Rotterdam vs Utrecht 12h15.
Twente vs PSV 14h20.
Volendum vs AZ Alknaar 16h45.
NAC vs Fortuna Sittard 20h00.
* EyeScottish League:
NGOMGQIBELO
Celtic vs Livingston 16h00.
Hearts vs Motherwell 16h00.
Kilmarnock vs Dundee 16h00.
Falkirk vs Hibernian 18h45.
NGESONTO
St Mirren vs Rangers 13h00.