22| Ezemidlalo
Friday, 24 October 2025
NGU-LYLE Foster (okwesokudla), enozakwabo kwiBurnley, uLesley Ugochukwu.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
EZIMNANDI kumqeqeshi weBurnley, uScott Parker ngokululama ngokugcwele komgadli waseNingizimu Afrika ogijima kwezakhe nakwiBafana Bafana, uLyle Foster.
IBurnley izobhekana neWolverhampton Wanderers kowe-English Premier League (EPL) ngeSonto ngo-16h00.
Iya kulo mdlalo nje, ngeledlule iguqise iLeeds United ngo-2-0 koweligi. UFoster akazange awugijime lo mdlalo ngenxa yokulimala.
Kuzokhumbuleka ukuthi ulimale ebizwe kwiBafana edlale kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeFifa neZimbabwe neRwanda ebingale nyanga.
NGUMQEQESHI weBurnley, uScott Parker ejabula nabadlali bakhe, okukhona kubona uFoster (9).
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UParker ukuqinisekisile ukuthi uFoster useluleme.
"Akazange abe khona sibhekene neLeeds, kodwa noma kanjani uzokuba khona kulo mdlalo. Useluleme ngokugcwele," kusho uParker.
UFoster ubuya nje, kuzokhumbuleka ukuthi uziqophele owakhe umlando kule sizini eba ngumdlali wokuqala waseNingizimu Afrika ukushaya igoli ebhekene neManchester United emdlalweni we-English Premiership. Nokho ezakhe zigcine ziguqe ngo-3-2.
Isiyonke imidlalo ye-EPL iqhathwe kanje:
NGOLWESIHLANU
Leeds United vs West Ham 21h00.
NGOMGQIBELO
Chelsea vs Sunderland 16h00.
Newcastle vs Fulham 16h00.
Manchester United vs Brighton 18h30.
Brentford vs Liverpool 21h00.
NGESONTO
Arsenal vs Crystal Palace 16h00.
Aston Villa vs Manchester City 16h00.
Bournemouth vs Nottingham Forest 16h00.
Wolves vs Burnley 16h00.
Everton vs Tottenham Hotspur 18h30.
* EyeSpanish La Liga imi kanje:
NGOLWESIHLANU
Real Sociedad vs Sevilla 21h00.
NGOMGQIBELO
Girona vs Real Oviedo 14h00.
Espanyol vs Elche 16h15.
Athletic Club vs Getafe 18h00.
Valencia vs Villarreal 21h00.
NGESONTO
Mallorca vs Levante 15h00.
Real Madrid vs Barcelona 17h15.
Osasuna vs Celta Vigo 19h30.
Rayo Vallecano vs Deportivo Alaves 22h00.
* Eye-Italy Seria A yona imi kanje:
NGOLWESIHLANU
AC Milan vs Pisa 20h45.
NGOMGQIBELO
Parma vs Como 15h00.
Udinese vs Lecce 15h00.
Napoli vs Inter Milan 18h00.
Cremonese vs Atalanta 20h45.
NGESONTO
Torino vs Genoa 13h30.
Hellas Verona vs Cagliari 16h00.
Sassuolo vs AS Roma 16h00.
Fiorentina vs Bologna 19h00.
Lazio vs Juventus 21h45.