02 | Izindaba

Friday, 11 July 2025

Ezifingqiwe


01


Kusolwa uRamaphosa ngokungasukumeli izinsolo zikaMkhwanazi

Image

NGU-LT-Gen Nhlanhla Mkhwanazi ethula inkulumo, eqashwe ngozakwabo.

ABAHOLI be-Action SA sebesole uMengameli Cyril Ramaphosa ngokuhudula izinyawo odabeni lwezinsolo ezenziwe nguMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen uNhlanhla Mkhwanazi, ngeSonto.

Leli qembu belinomqhingqo ngaphandle kwekomkhulu lamaphoyisa aKwaZulu-Natal, eThekwini ngoLwesine, ngenhloso yokweseka uMkhwanazi, nokumqinisa idolo.


UMholi weKomidi le-Action SA lezamaPhoyisa ePhalamende, uNkz Derelene James, nomholi wayo KwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango, bathi uRamaphosa bekufanele abuye ohambeni lwakhe lwaseBrazil ngalo iSonto, ngesikhathi uMkhwanazi edalula lezi zinsolo esigcawini sabezindaba.

"Nizokhumbula ukuthi uRamaphosa, waluhoxisa uhambo lwakhe ngesikhathi iDA isabisa ngokuthi izophuma kwiGNU (Government of National Unity). Nakulokhu, bekufanele abuye eBrazil uma uMkhwanazi esekhulumile, njengoba isimo simanzonzo ezweni, kusukela ngeSonto.

"Simfuna uNgqongqoshe uSenzo Mchunu, ephumile, hhayi kube nekhomishini yophenyo ngoba izomvikela, kuchithwe imali.


02


I-DA ivulele uNgqongqoshe uMchunu icala

Image

NGUNGQONGQOSHE wamaPhoyisa, uMnu Senzo Mchunu.

SELIVULIWE icala ngoNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Senzo Mchunu, osolwa ngokuthi waqamba amanga eKomidini lamaPhoyisa ePhalamende, ngoMarch.

Icala livulwe yiDA. Leli qembu lithi uMchunu kufanele avele enkantolo ngokushesha.

UMchunu waphika ukuthi uyamazi uMnu Oupa Brown Mogotsi, ongusomabhizinisi, okuthiwa bebehlangene naye ngenkohlakalo.
UMogotsi kuthiwa ubenezimfihlo zangaphakathi eMnyangweni wamaPhoyisa - ekubeni engasebenzi khona - ngoba ubexhumene noMchunu.

UNgqongqoshe useshaye ungqimphothwe wathi uyamazi uMogotsi, kodwa umazi njengeqabane lakhe, hhayi umuntu osondelene naye.

UMnu Xolile Nodada, oyiphini likasotswebhu weDA ePhalamende, uthi uMchunu waqamba amanga, wephula isifungo - okuyicala elikhulu.


03


UMasipala waKwaDukuza usudukuza kwenye inkinga 

Image

INHLANGANO Abahlali baseMjondolo, isisonge ngokuthi izoyisa uMasipala waKwaDukuza enkantolo, ngoba ususa abahlali basezakhiweni zaseShaka's Head, ubathuthela eVlaskspruit.

Le nhlangano ithi umasipala kawuxhumananga nabahlali, kanti-ke lapho bethuthelwa khona kawekho amanzi, imigwaqo, izinto zokuthutha nogesi.

Okhulumela uMasipala waKwaDukuza, uMnu Sifiso Zulu, uthi umphakathi osuswayo uchazelwe ngohlelo oluzolandelwa.

"Bazokwakhelwa isikole samabanga aphezulu, umtholampilo nenkundla yezemidlalo. Kulezi zakhiwo abaqube kuzo, akuyona indawo elungele ukuhlala abantu. Ngeke siyilalele inhlangano Abahlali baseMjondolo ngoba kwakuba khona kwayo kakugunyaziwe wumthethosisekelo wezwe," esho.


04


Kuqalwe izinkonzo zokukhumbula uMabuza

Image

NGUMNU David Mabuza.

UBUHOLI obuphezulu be-ANC bubuthene esifundazweni iMpumalanga, njengoba kuqhubeka izinkonzo zokukhumbula owayeyiphini likamengameli, uMnu David Mabuza.

UMabuza ushone ngoLwesine olwedlule, ngemuva kokugula isikhathi esifishane. Uzofihlwa ngoMgqibelo.

Enkonzweni yesikhumbuzo ebisePhola, eMpumalanga, izikhulumi zithe zife olwembiza njengoba uMnu Mabuza ebeyisisebenzi somphakathi.

Ngaphambi kokuba abeyiphini likamengameli, wayengundunankulu waseMpumalanga, futhi  engusihlalo we-ANC esifundazweni.
Unconywa ngokuthi ubenekhono lokuhlanganisa amalungu e-ANC angaboni ngasolinye.
menzi.jele@ilanganews.co.za

0