07 | Izindaba

Friday, 30 Friday 2026

Kukhuthazwa abawezokuvakasha ngoweDurban Tourism Business Awards

Kunxenxwa kakhulu osomabhizinisi abasakhasa
Image

ABATETEMUKISA abantu ngo-rickshaw nabo bayakhuthazwa ukungenela umncintiswano wezokuvakasha ohlelwa yiTheku.

Lucky Cain

UMASIPALA weTheku ukhuthaza osomabhizinisi abasemkhakheni wezokuvakasha, ukuba bangenele umncintiswano walo nyaka wokubaklomelisa, obizwa ngeDurban Tourism Business Awards.

Lo mcimbi uzobe usuwenzeka okwesihlanu kulo nyaka. Kunxuswa kakhulu osomabhizinisi abasakhula kulo mkhakha, ukuba balisebenzise leli thuba.
Abaqokwayo nabanqobayo, bahlomula ngemiklomelo eyahlukene.

Phakathi kwale miklomelo kubalwa isamba semali esilinganiselwa ku-R50 000, nokuqeqeshwa kosomabhizinisi abasakhula ngendlela abangakhangisa, bamakethe ngayo imisibenzi yabo.

Ngokusho kwesitatimende esikhishwe yilo masipala, ukungenela kulo mcimbi kuvula amathuba okuba ibhizinisi lakho libe  sebalazweni, futhi uhlanganyele nabanye abakulo mkhakha, abangakwazi ukukuchushisa, bakucobelele ngolwazi lokukhula.

Image

IMojo's Car Wash and Shisanyama ibalwa nasebeke bahlabana kulo mncintiswano.

Kulo mcimbi kuklonyeliswa kusukela kwabanezindawo zokulala, ezokujabulisa okuhlanganisa noshisanyama, ezokuzipholela, ezokudlela, ama-tour guide, abatetemukisa abantu ngo-rickshaw, abahleli bemicimbi, ababumbi (crafters) nezobuciko, nabasebenzisa imvelo ukuheha izivakashi.

Kuklonyeliswa nabasemkhakheni wezamafilimu, abaqhakambisa kakhulu iTheku namaphethelo.

Ukungenela, nokuba yingxenye yalo mcimbi, kuvulwe ngeledlule, kuzoze kuvalwe mhla ka-23 kuNdasa (March). Abantu banxuswa ukuba bangenele kwi-website ethi www.durbantourismawards.com, ukuze bezothola neminye imininingwane ngawo.

Kwabake bahlabana kulo mcimbi kubalwa  izindawo ezingoshisanyama, okukhona kuzo iMax's Lifetyle eseMlazi, neMojo's Carwash and Shisanyama eChesterville; nabahleli bemicimbi okubalwa kubo uDJ Merlon nomcimbi wakhe i-Anywhere In Your City, awuhlela minyaka yonke.

0