17 | Ezemidlalo

Friday, 31 October 2025

Inhlanhla nebhadi kwiDowns eqhathwe nePirates

Image
AmaSandawana azogijima le ndumezulu yomdlalo ngaphandle kukaTeboho Mokoena

KWESOKUDLA; nguTeboho Mokoena enoSipho Chaine ongunozinti wePirates ayibamba naye kwiBafana Bafana.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

UKHULUME ngenhlanhla nangebhadi okumehlele uMiguel Cardoso ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns ezobhekana ne-Orlando Pirates koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h30 eLoftus Stadium, ePitoli.

Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu ngabathandi bebhola njengoba kuwumbango wasesicongweni.

Nakuba ungeke ucacise ngesicoco seligi njengoba iseyinde indlela, kodwa ifomu yala makilbhu yiyona eyenza ukuthi ube nesasasa.

UCardoso uthi kube ngenkulu inhlanhla ukungahlelelwa kwezakhe umdlalo phakathi nesonto njengoba ebheke kowamaBhakaniya - awuthatha njengomkhulu - nokho wabalisa nangebhadi elehlele ezakhe njengoba zizokuya kulo mdlalo ngaphandle kwenjini, uTeboho Mokoena, edonsa isigwebo samakhadi aphuzi.

IPirates yona kayibanga nenhlanhla yeDowns njengoba ngoLwesibili igijime neMagesi FC kwiQuarter final yeCarling Knockout eyinqobe ngo-2-1.

Idlulele kuma-semi final lapho izobhekana khona neRichards Bay FC ekuhambeni.

Image

NGABADLALI beBucs, u-Evidence Makgopa noKabelo Dlamini bejabulela igoli (likaMakgopa) ngesikhathi behlula iMagesi FC koweCarling Knockout ngoLwesibili.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UCardoso uthe: "Selokhu ngafika, kangikhumbuli ngijimisa le kilabhu isonto lonke eliphelele, isiqalile imidlalo.

"Thina sihlale sinemidlalo ecinene, kakuvamile nje lokhu okwenzekile, yinhlanhla engandile kule kilabhu, ikakhulukazi uma uya emdlalweni omkhulu kanjena.

"Njengoba siya kulo mdlalo wePirates, ngibe nesikhathi sonke ukulungisa nokuqinisa wonke amabhawodi axegayo isonto lonke eliphelele.

"Kodwa-ke ibhadi esibe nalo wukuthi kwenzeka konke lokhu nje, uTebogo Mokoena ngeke abe nathi kulo mdlalo ngenxa yesigwebo samakhadi aphuzi.

"Silimele, ungumdlali omqoka ekilabhini yethu, besimdinga kodwa-ke njengoba engekho kuzofanele kube ngabanye abavala isikhala sakhe, ngoba siyayidinga le wini."

Image

NGUTEBOHO Mokoena.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Kubadlali okubhekwe kubo ukuba bavale isikhala sikaMokoena kungabalwa uGomolemo Kekana, uSiphelele Mkhulise, uBathusi Aubaas noJayden Adams.

0