17 | Ezemidlalo

Friday, 01 August 2025

OweLiverpool uveza azokhumbula ngakho umdlali oshiya le kilabhu

Kulindeleke ukuba avale isikhala solimale kwiClub World Cup

Image

KUSUKA kwesobunxele ngu-Alexis Mac Allister, nguDarwin Nunez noLuis Diaz bejabulela ukunqoba kweLiverpool isicoco seligi.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weLiverpool FC yase-England, u-Arne Slot, uthi uzomkhumbula ngokuningi umdlali wakhe uLuis Diaz osanda kushiya le kilabhu, wajoyina iBayern Munich yaseGermany.

UDiaz ujoyine iLiverpool esuka kwiFC Porto yase-Portugal.

Lo mdlali waseColombia ube nesikhulu isandla ekutheni iLiverpoool inqobe isicoco seligi ngesizini eyedlule.
Ubambe elikhulu iqhaza iColombia ifika kowamanqamu weCopa America - ehlulwe kuwona yi-Argentina ngo-1-0 - ngonyaka odlule.

"Kuningi okuhle engizokukhumbula ngoDiaz, kwazise ubengumdlali obalulekile kithina. Ukuzinikela kwakhe emsebenzini wakhe kungenza ngingananazi ukuthi nalapho eya khona uzofika enze kahle kakhulu," kusho uSlot.

Image

NGU-JAMAL Musiala weBayern Munich olimele.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UDiaz kulindeleke ukuba ayovala isikhala esivuleke kulima uJamal Musiala, obhinyike iqakala ngesikhathi ezakhe zibhekene nePSG yaseFrance kwiQuarter final yeClub World Cup  ebise-United States of America (USA). 

Sekuwumlando ukuthi iClub World Cup inqotshwe yiChelsea yase-England - ebinganikwa lutho - ibhudluza izimfivilithi, iPSG ngo-3-0.

0