21| Ezemidlalo

Friday, 27 February 2026

Image

NGUPIET Wiersma ogcine ukunqoba iComrades Marathon uma inyuka, isuka eThekwini iya eMgungundlovu.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Inhlanzi izoshelwa ngamanzi kwabakweleta iComrades

UMgqibelo wusuku lokugcina lokukhokha kwababhalisa ngesikweletu, kungenjalo...

Mzwamandla Zondi

INHLANZI izoshelwa ngamanzi kubagijimi ababhalisele ukubamba iqhaza kwiComrades Marathon yanonyaka uma kudlule usuku lwangoMgqibelo bengakayikhokhi imali yokuba yingxenye yalo mjaho, ewu-R600.

Ukubhalisela lo mjaho wu-R1 200, kodwa umgijimi oxakekile uyavunyelwa ukukhokha u-R600 ukubekisa indawo uma kusabhaliswa.

Lokhu kuvumeleke kwabaseNingizimu Afrika kuphela. Labo abasuke bekhokhe engagcwele, kusuke kufanele banenezele ngomunye u-R600 ngaphambi kosuku abasuke benqunyelwe lona, njengoba kowanonyaka kuyilo Mgqibelo womhla ka-28 kuFebruary.

Umjaho wanonyaka uzokuba ngeSonto lomhla ka-14 kuJune, kanti uzosukela eThekwini usongwe eMgungundlovu.

Kuqopheke umlando kubhaliselwa umjaho wanonyaka njengoba ungenelwe ngabasubathi abawu-22 000 ngaphansi kwamahora ayishumi.

Lo mjaho ngoka-99, kanti wandulela owekhulu ozokuba ngonyaka ozayo, ozosukela eMgungundlovu kubhekwe eThekwini.

Image

NGU-GERDA Steyn ophethe isicoco seComrades kwabesifazane.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Kuthiwa abeComrades Marathon Association (CMA) bahlongoza ukusenyusa isibalo sawo sifinyelele ku-30 000, ukugubha unyaka wekhulu.

Kuthiwa njengoba sisheshile ukugcwala isibalo sabasubathi ebesifuneka, baningi abasale ngaphandle, iningi labo okungabamnyama. Kuvela ukuthi silinganiselwa ku-25% isibalo sabasubathi abazokube beqala ukugijima lo mjaho nonyaka (novice).

Laba basubathi abasha abangenele owanonyaka, kuthiwa bawubheke ngabomvu umjaho wangonyaka ozayo lapho bezothola khona izindondo ezimbili (back to back medal).

Leli phephandaba lingakuqinisekisa ukuthi bazokuba baningi abagijimi abafuna ukugijima umjaho wangonyaka ozayo.

Bakhona nasebeke babuza kulona ukuthi kudingekani ukubamba iqhaza kulo mjaho, ukungena emlandweni wokugijima iComrades Marathon yekhulu.

UGerda Steyn weHollywood Athletics Club noPiet Wiersma weNedbank Running Club yibona abazokube bevikela izicoco zomjaho wanonyaka njengoba kubhekwe eMgungundlovu (up run).

Kuzobe kugijinywa oka-100 ngonyaka ozayo nje, empeleni kufanele ngabe wagijinywa ngo-2021, kwazise wasungulwa ngo-1921, nguVic Clapham.

Waphazamiseka ngeMpi yoMhlaba Yesibili, eyaqala ngo-1939, yaphela ngo-1954. Kuwuphindile lokho ngesikhathi kuhlasele iCovid-19, waphazamisela.

0