20 | Ezemidlalo
Friday, 13 June 2025
NGUMQONDISI Ngcobo ongusihlalo weComrades Marathon Association.
Nhlanhla Hudla
UQINISA idolo abagijimi beComrades Marathon ngokwenyukela ku-R1 million komklomelo otholwa yizingqwele zalo mjaho eminyakeni ezayo uSihlalo weComrades Marathon Association (CMA), uMqondisi Ngcobo.
IComrades yanonyaka isongwe ngegiya eliphezulu inqotshwa nguTete Dijana waseNorth West kwabesilisa, kwathi kwabesifazane ubhedu lwadliwa nguGerda Steyn waseFree State.
Ibisukela eCity Hall eMgungundlovu yayophelela ePeople's Park, eThekwini.
UDijana ubesewunqoba okwesithathu lo mjaho uma kwehliwa kanti uGerda ubesephuma phambili okwesine uma kubalwa noma kwenyukwa kubhekwe eMgungundlovu.
NGUTETE Dijana oyingqwele yeComrades Marathon, aseyinqobe kathathu.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Ekhuluma emuva komcimbi obewungoMsombuluko eThekwini wokuklonyeliswa kwabagijimi uNgcobo, uzwakalise injabulo ngempumelelo yalo mjaho obukeka ukhula minyaka yonke njengoba kubonakala nasemgwaqweni abantu bedela amakhaza ukuyokweseka abagijimi abasuke beyingxenye yawo.
"Konke kuhambe kahle kakhulu ngomjaho. Isasasa libukeka lilokhu likhula minyaka yonke, okuyinto esijabulisayo. Ngokwemibiko esiyithole kudokotela weComrades, kakukho okubi okwenzekile njengoba nabagijimi abebefakwe ezibhedlela bekhombisa ukwelulama.
"Imiqondo sesiyibeke ku-2027 njengoba sizokube sigijima umjaho ka-100. Ngiyazi ukuthi kusazoba khona umjaho wango-2026, kodwa kubukeka kungenzeka umjaho wethu wekhulu ugcine ukhokha kufinyelele ku-R1 million kwizingqwele. Sizoqalaza ebhodweni lethu ukuthi selivuthwe kangakanani ngoba konke kumele sikwenze ngendlela efanele," esho.
Lo mjaho ngabe sewadlula kudala ekhulwini ukuba kawuphazamisekanga ngesikhathi sempi yesibili yomhlaba nangesikhathi kuqubuka ukhuvethe olumise okuningi ngo-2020 nango-2021.