18 | Ezemidlalo

Friday, 24 October 2025

Basonga ukuqhatha iChiefs nabalandeli


Ikilabhu yaseDRC ibona izokwazi ukuguqisa iziMpofana esibayeni sazo

Image

YIBAMBA lomqeqeshi weChiefs uKhalil Ben Youssef (kwesobunxele) nomqeqeshi weSimba, uDaoula Lupembe.

Senzo Sokhela

USONGELA iKaizer Chiefs umqeqeshi weSimba yaseDemocratic Republic of Congo (DRC), uDaoula Lupembe.

ISimba izogadulisana neChiefs emlenzeni wesibili wesigaba sesibili sokuhlunga seCaf Confederation Cup ngoMgqibelo ngo-15h00 eDobsonville Stadium, eSoweto.

Emlenzeni wokuqala obuseDRC, la makilabhu abambane ngo-0-0.

ULupembe uthi ubona ezakhe zizokwazi ukudlulela phambili kulo
mqhudelwano.

"Ngikholwa wukuthi senze elikhulu iphutha ngokungalishayi igoli ngesikhathi sisekhaya, kodwa-ke vele kasiqedile ngabo, yima siyoqedela umsebenzi phambi kwabalandeli babo.

"Yibona abenengcindezi ngoba kufanele beze kithina begadile, kwazise uma sike sathola igoli ekuhambeni bazokuba senkingeni. Sibabonile lapho bebuthaka khona, noma kanjani sizolithola igoli, lokho kangikungabazi," kusho uLupembe.

Image

NGUKHANYISA Mayo weChiefs ekakwe ngabadlali beSimba.

IChiefs izogijima lo mdlalo nje, iphoxe abalandeli bayo ibambana neSiwelele FC ngo-0-0 ngoLwesithathu ebusuku eFNB Stadium, eGoli.

 Le kilabhu kayenzi kahle kusukela yahlukana noNasreddine Nabi ongumqeqeshi wayo, naye ochithelwe imiphumela engagculisi.

Kubukeka umsebenzi ubesinda abebengamasekela kaNabi njengoba sebesele bodwa, ekubeni bebenza kahle uma uNabi emisiwe kule kilabhu, ebuka umdlalo esezihlweleni, okwenze abalandeli bayo bakholwa wukuthi nguyena oyinkinga.

Njengamanje izintambo zibanjwe ngokuhlanganyela nguCedric Kaze noKhalil Ben Youssef.

0