22 | Ezemidlalo
Friday, 13 June 2025
NGU-EDMILSON Dove okuvela ukuthi kalicaci ikusasa lakhe kwiChiefs.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
ZIHLUKENE phakathi izikhulu zeKaizer Chiefs ngodaba lomdlali wayo ophelelwa yinkontileka.
Inkontileka ka-Edmilson Dove (30), odlala emuva kwiChiefs - odabuka eMozambique - iyaphela ngomhla ka-30 kuNhlangulana (June).
Leli phephandaba lithole ukuthi izikhulu zale kilabhu zihlukene phakathi ngodaba lwenkontileka yakhe.
Umthombo waleli phephandaba uthe: "Inkontileka kaDove iyaphela uma kugoqwa le nyanga kanti nezingxoxo kazikaze ziqalwe naye. Isizathu salokho wukuthi izikhulu zihlukene phakathi ngesimo sakhe.
NGU-PASEKA Mako osanda kusayiniswa yiziMpofana.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
"Kukhona ezifuna asayiniswe kanti ezinye zifuna adedelwe. Lezi ezifuna adedelwe, zikhala ngokuthi ulimala njalo.
"Okuyikhona okudale indida wukuthi i-Orlando Pirates ivele yadedela uPaseko Mako iChiefs emubona engcono kunoDove.
"Kodwa-ke okuningi kuzocaca kula masonto ezayo sekuqala kulungiselelwa ukuqala kwesizini ezayo."
UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs uthe ngeke akwazi ukuphawula ngento yomsebenzi okwamanje ngoba usavalile.