13 | Izindaba

Friday, 05 September 2025

Ezezimoto

Ishaye Izule: noZandile Tembe

IChery Tiggo 7 Pro, izobadida abasezinhlelweni zokuthenga 
imoto entsha

Ngiyithokozele indlela eyanela ngayo umndeni wami
Image

I-CHERY Tiggo 7 Pro, izobadida abasezinhlelweni zokuthenga imoto entsha, ngenxa yemixhantela nobuchwepheshe obukuyona.

Bengimagange ukuzizwela lolu hlobo lwemoto ebonakala ithathe abaningi uma ubheka ubuningi bayo emigwaqeni, selokhu yabuya isibili ngo-2021, emuva kokwethulwa emakethe yezimoto ngo-2008.

Ngebhadi, kayibanga nalo idumela njengezimoto ezifana neChery A5, iQQ3
ne-Tiggo3. Ngo-2018, le nkampani yaseChina - esinemboni yayo eMzansi - ibuyisele imikhiqizo yayo yezimoto emuva.

 Ibuye ngamandla emuva kokuhlangana
ne-Bidvest SA, isizozethula kabusha ngohlobo lwezimoto ezintsha, yadlisa kakhulu nge-Tiggo 4 Pro.

Image

Kayidliseli nje ngokubukeka kwayo kuphela, kodwa inohlobo oluphambili lobuchwepheshe.

I-Tiggo 7 Pro Plug-in Hybrid, ewuhlobo olusha lwemoto yakwaChery, ihamba ngophethiloli nogesi oshajwayo (charge). Lokhu kusho ukuthi udinga ukuba nendawo efanele egalaji lokugcwalisa ugesi, noma ube seduze namagalaji analo lolu hlobo lokugcwalisa.

 Ukuyishayela ngamandla kaphethiloli, udinga ukuyinyathela uphethiloli (accelerator) ngamandla, ukuze izisethe ukuhamba ngophethiloli.

Iyabukeka le moto, ilidonsile ihlo lami, okudlula lezi ezingaphambi kwayo. Kuningi abakushintshile uma ubuka ingaphambili layo, nengaphakathi layo. Ngikuthokozele kakhulu ukuphepha kwayo nendlela eyanela ngayo umndeni wami.

Image

Lolu hlobo lwemoto ludinga ukuthi ungene, uhlale, ufase ibhande lakho, bese iyaduma kanjalo nje - uyishaye izule emuva kwalokho.

Iyisimodeni impela ngoba akukho engakwenzi okuhambisana nobuchwepheshe.

Mangikubalele nje okunye kwakho: -
• Ingaphakathi layo lisezingeni eliphezulu. Uhlala unethezeke, ngenxa yokuvuleleka kwayo. Inesikhala esanele ngisho kwabahleli ngemuva.

• Izihlalo zayo ngezohlobo oluphambili, kusetshenziswe isikhumba soqobo.

• Ukusebenza kwayo ngogesi kubalungele abathengi baseMzansi, ngenxa yokonga kwayo uphethiloli. Uma amasenti engavumi, uyakwazi ukuncika ekushayeleni ngamandla kagesi.

• Udinga imizuzu ewu-9 kuphela ukususa amandla e-battery kamakhalekhukhwini wakho ku-30% aye ku-80%, okusho ukuthi ishaja (charge) ngokushesha, ngaphandle kokusebenzisa ikhebuli, kanti uyakwazi nokushaja  ngalo lonke uhlobo lwamakhebuli.

• I-spare wheel sakhona - lapho uqhunyelwa yisondo - siyafana nesondo, hhayi leli esilibiza nge-biscuit, elingelokubambisa.

• Kunomsindo okhala ngaphansi lapho uyishayela, ungaze ucabange ukuthi kukhona okuphukile.

• Kayinawo amandla okuyenza ingabambi emajikeni. Lokhu kuvele kuphikisane nendlela ebukeka ngayo.

• Nakuba ukusebenza kwayo ngogesi kusiza ekongeni uphethiloli, iyawadla amagalani uma uthatha uhambo olude. Idla 9.0 litre ngo-100km.

• Ngiyazincoma izinsiza-kushayela ezifana nokukukhalima lapho weqa isivinini okumele ushayele ngaso, nokukutshela lapho ungasabhekile lapho uhamba khona.

• Amakhamera awu-360 degree, akukhombisa lonke ingaphandle lemoto lapho ushayela noma usupaka.

• Inemifakela ye-WiFi, nesiqholo semoto osithola uma usebenzisa isibandisi nesifudumezi emotweni (airconditioner).

ITiggo 7 Pro iwufanele umndeni nomshayeli othokozela imoto ehambisana nobukhazikhazi, nobuchwepheshe besimanjemanje.

0