20 | Ezemidlalo

Friday, 20 June 2025

Usagculisekile umqeqeshi weDowns ngakubona ekhempini

Image

Ujabulela ukuyobhekana neBorussia Dortmund nesikwati esingaxhugi

NGUMQEQESHI weSundowns, uMiguel Cardoso.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Mfanafuthi Ndlovu

UGCULISEKILE ngezinga elikhonjiswa ngabadlali ekhempini uMiguel Cardoso ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns, ezobhekana neBorussia Dortmund yaseGermany emdlalweni wesibili kaGroup F weFifa Club World Cup eqhubeka e-United States of America (USA).

ISundowns iwuqale kahle lo mqhudelwano ihlula  i-Ulsan DH yaseSouth Korea ngo-1-0, ngoLwesithathu. Inqobe ngegoli lika-Iqraam Rayners oqokwe njengomdlali wosuku.

UCardoso utshele abezindaba ukuthi kalikho elinye iqhinga azogadla ngalo kulo mdlalo ngaphandle kokulwela ukuncisha izitha zabo intuba yokuphefumula.

Image

NGABADLALI beDowns bejabulela igoli labo ngesikhathi bebhekene ne-Ulsan.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Uthe emdlalweni odlule bashintshe isitayela sokudlala, okuyinto okungelula ukuba bayiphinde kulo mdlalo weDortmund kwazise iyikilabhu enkulu, ayihlonipha kakhulu.

"Ngeke bakuthole ukuphumula kulo mdlalo. Sizobavala ngazo zonke izindlela ukuze bangakwazi ukuthola ithuba lokushaya igoli. Abadlali bami bazimisele ngokuzibeka emlandweni ebholeni lomhlaba.

"Ngenhlanhla enkulu ngizokuya kulo mdlalo nesikwati esiphelele njengoba engekho umdlali olimele. Isimo siyagculisa kakhulu ekhempini," esho.

Imidlalo yeFifa Club World Cup ihlelwe kanje:-
NGOLWESIHLANU
Seattle Sounders vs Atletico Madrid 00h00.
PSG vs Botafogo 03h00.
Benfica vs Auckland City 18h00.
Flamengo vs Chelsea 20h00.
NGOMGQIBELO
Los Angeles FC vs Esperance 00h00.
Bayern Munich vs Boca Juniors 03h00.
Sundowns vs Dortmund 18h00.
Inter Milan vs Urawa Red Dimonds 21h00.
NGESONTO
Fluminense vs Ulsan 00h00.
River Plate vs Monterry 03h00.
Juventus vs Wydad 18h00.
Real Madrid vs Pachua 21h00.

0