Ezemidlalo | 17
Friday, 09 May 2025
NGUBONGELANI Mkhwanazi osubathela iBlack Diamond AC.
Nyakenye uMkhwanazi ungene isihlanu kulo mjaho afuna ukwenza kangcono kuwona
Mzwamandla Zondi
UMSUBATHI waKwaZulu-Natal ufuna ukuvikela isithunzi sesifundazwe kwi-Absa Cape Town Run Your City 10k ezokuba ngeSonto eCape Town.
UBongelani Mkhwanazi – omangaze abaningi nyakenye engena endaweni yesihlanu kulo mjaho ngesikhathi eba ngowesibili waseNingizimu Afrika – uthi ufuna ukuqhubeka lapho egcine khona nyakenye. Uthi ufuna ukwenza kangcono isikhathi sakhe sanyakenye esiwu-28:35.
"Ngijabule ukuthi ngiyaphindela kulo mjaho. Nonyaka ngizimisele ukwenza kahle kulo mjaho kwazise nomzila wawo sengiwuqonda kahle. Umjaho ofana nalona, ongenelwa ngabasubathi abaningi abasezingeni eliphezulu ngiyawuthanda ngoba uyakuveza ukuthi uqatha kangakanani.
"Ukuphinda ngingene nabokuqala abalishumi kungangithokozisa kakhulu," kusho uMkhwanazi osubathela iBlack Diamond AC, osanda kusinda ecaleni lokusebenzisa izidakamizwa.
Sekungumlando manje ukuthi lo msubathi walunqoba lolu daba.
"Into engiyiyele kulo mjaho ukuyobuyisa isithunzi seKwaZulu-Natal. Phela ukudlula emhlabeni kukaMbuleli Mathanga (obehlonishwa eNingizimu Afrika, okuthiwa washona ngokuzilengisa) kufanele kube khona omunye othatha ibhathini ngemuva kwakhe.
"Isifiso sami esikhulu wukuhamba ezinyathelweni zakhe. Ukuba usekhona ngabe senginezikhathi ezingcono kakhulu kula mabanga engiwenzayo," kusho uMkhwanazi.
Lo msubathi uzokube ebhekene nabasubathi abaningi abanohlonzo bakuleli nabangaphandle, beyobanga isicoco sika-R30 000.
Kubasubathi abakhona ababhekwe kakhulu kukhona uThabang Mosiako othwelwe ngeqoma kwabesilisa kanti kwabesifazane kubhekwe uGlenrose Xaba.