18 | Ezemidlalo
Friday, 26 September 2025
NGUMQEQESHI wePirates, u-Abdeslam Ouaddou.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
KUNGASE kubonakale ubuso obungajwayele esikimini se-Orlando Pirates ezobhekana neLioli yaseLesotho emlenzeni wesibili esigabeni sokuqala sokuhlunga seCaf Champions League ngoMgqibelo ngo-15h00 e-Orlando Stadium, eSoweto.
Emlenzeni wokuqala iBucs inqobe ngo-3-0 ngeledlule eToyota Free State Stadium, eBloemfontein.
ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi umqeqeshi wale kilabhu, u-Abdeslam Ouaddou, uhlela ukwenza izinguquko eqenjini lakhe elizobhekana neLioli.
"U-Ouaddou uke washo efika ukuthi uzodlalisa bonke abadlali uma ithuba livela. Ngendlela enza ngayo ejimini, kuyabonakala ukuthi angase enze izinguquko eqenjini elizodlala ngoMgqibelo.
"Akakwenzi lokho ngoba ethatha kalula le kilabhu, kodwa ukholwa wukuthi bonke abadlali abakwiPirates bakuyona ngoba kubafanele, futhi bangagijima noma yimuphi umdlalo.
"Kulo mdlalo uzozenza izinguquko, abantu kufanele bakulindele lokho," kusho umthombo.
NGABADLALI beBucs bejabulela igoli likaTshegofatso Mabasa (ophambili) alishaye ngesikhathi le kilabhu ibhekene neLioli emlenezeni wokuqala.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Imizamo yokuthola ukuphawula kweBucs kayiphumelelanga kwazise izokuba nesigcawu sabezindaba ngoLwesihlanu ngo-12h00 eGoli, ukuyokwethulula konke ngamalungiselelo alo mdlalo.