16 | Ezemidlalo

Friday, 27 February 2027

Image

KUSUKA kwesobunxele; nguThabo Cele, nguSbongiseni Mthethwa (beChiefs), ngu-Evidence Makgopa noThalente Mbatha bePirates.

IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Kubuya abebelimele kwiChiefs nakwiBucs


IziMpofana zamukela uMiguel kanti kwiPirates nguMakgopa noMbatha

Senzo Sokhela

IKAIZER Chiefs ibambe umoya ngo-Inacio Miguel oyisitobha sayo, osekunesikhashana egcine ukubonakala enkundleni njengoba izodlala ne-Orlando Pirates koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-15h30 eFNB Stadium, eSoweto.

UMiguel uke wangabonakala emidlalweni yakamuva yale kilabhu ngenxa yokulimala.

UCedric Kaze ocija iChiefs, uthi bamincile ngalo mdlali njengoba belinde isinqumo sodokotela ukuthi uzokuba yingxenye yini yomdlalo wePirates.

"UMiguel uphuthwe yimidlalo eminingi emuva kokulimala emdlalweni weNedbank Cup sibhekene neStellenbosch.

"Ubuyile manje, uke wajima kabili enza izinto ezincane. Sibambe umoya ngaye, sizozwa ngodokotela ukuthi uwulungele yini lo mdlalo.

"USibongiseni Mthethwa noThabo Cele nabo sebeluleme. Abantu abasalimele, abangeke babe khona ngu-Etiosa Ighodaro noGeorge Matlou.

"UMthethwa usejime nathi izinsuku eziwu-5, kodwa akakabi qatha ngokwanele. UCele uwumqemane," kusho uKaze.

Image

NGU-INACIO Miguel.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

U-Abdeslam Ouaddou opheka iBucs, ucacisa ngesimo sabadlali bale kilabhu obekunemibuzo ngokungabonakali kwabo, okungu-Evidence Makgopa ongumgadli, noThalente Mbatha odlala esiswini.

Abanye bebethi laba badlali balimele, abanye bethi kukhona nje inkinga ekhona ngabo, bayimiqemane.

Echaza ngesimo sabo u-Ouaddou, uthe: "UMakgopa ujima nozakwabo, ngiyajabula ukumamukela ekilabhini. Uqatha futhi uzizwa ewumqemane.

"UMbatha naye ngingasho ukuthi usebuyile, uyajima, njengoba naye bekunemibuzo ngaye. Ngingakuqinisekisa ukuthi laba badlali bebelimele, kakukho okunye.

"Okuhle nje wukuthi bonke abadlali bami basesimweni esihle ngokomqondo, bawulangazelele lo mdlalo."

Image

NGU-ETIOSA Ighodaro.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Kulo mdlalo kulindeleke ukuba uRelebohile Mofokeng aqhubeke nokuba yiphela endlebeni kubadlali beChiefs okubhekwe kuyona u-Ethan Chislett, okhombise iminyakazo emihle iziMpofana ziguqiswa yiStellenbosch ngo-2-1 koweligi ngoLwesibili eGoli.

Isiyonke imidlalo yeBetway Premiership engempelasonto iqhathwe kanje:-
NGOLWESIHLANU
ESeshego: Magesi vs Polokwane City 19h30.
EDanie Craven: Stellenbosch vs AmaZulu 19h30.
NGOMGQIBELO
E-FNB: Kaizer Chiefs vs Orlando Pirates 15h30.
EKing Zwelithini: Golden Arrows vs Chippa United 18h00.
EFree State Toyota Stadium: Siwelele vs TS Galaxy 18h00.
E-Olympia Park: Orbit College vs Richards Bay 20h15.
NGESONTO
ELoftus Stadium: Mamelodi Sundowns vs Sekhukhune United 15h30.
ELucas Moripe: Marumo Gallants vs Durban City 15h30.

0