16 | Ezemidlalo

Friday, 14 November 2025

UBroos nesexwayiso esishubile kubadlali beBafana


Ufuna nokuba balwele ukuyinqoba yonke imidlalo abayidlalayo

Image

NGUMQEQESHI weBafana, uHugo Broos.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

UKHIPHE isexwayiso esishubile kubadlali abafuna ukuba yingxenye yeqembu elizoya kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba seMorocco ngenyanga ezayo umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos.

IBafana izobhekana neZambia kowesihle ngoMgqibelo ngo-18h00 eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.

UBroos ukubeke kwacaca ukuthi lo mdlalo uzowusebenzisa ukubheka abadlali abazovala izikhala ezishodaya njengoba esenawo u-75% wabadlali azogadla ngabo kwi-Afcon.

Image

YINGXENYE yabadlali beBafana Bafana izilungiselela umdlalo neZambia.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Lo mqeqeshi ukhiphe isexwayiso kubadlali bakhe njengoba beya kulo mdlalo weZambia ukungenzi izinto abangazazi kuwona ngoba nakhu bezama ukuzifaka enhliziyweni yakhe.

"Sikuqonda kahle ukuthi uma kuzoyiwa emqhudelwaneni walolu hlobo (kwi-Afcon), abadlali bazama ngazo zonke izindlela ukuzifaka ezinhliziyweni zabaqeqeshi.

"Engizobaxwayisa ngakho-ke, wukuthi bonke esibabizile sibabize ngoba sibone okuthile kubona, nabakwazi ukukwenza.

"Mabangalinge bafune ukwenzisisa, bese benza abangakwazi ngoba nakhu befuna ukugculisa umqeqeshi, kwazise lokho kungenza umuntu agcine eseshaya into ephansi.

"Abantu mabenze abakwaziyo, hhayi abangakwazi. Kodwa kukhona konke, into emqoka wukuthi siwunqobe lo mdlalo.


"Kithina kawukho umdlalo wesihle nowobungani, yonke siyidlalela ukuyinqoba nesithunzi seqembu," esho.

IBafana ikuGroup B kwi-Afcon lapho iboshelwe khona ne-Egypt, yiZimbabwe ne-Angola.

Image

NGABANYE babadlali beBafana belungiselela ukuzivocavoca njengoba bezobhekana neZambia.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Iqembu leBafana elizobhekana neZambia limi kanje, onozinti: URonwen Williams, uRicardo Goss noSipho Chaine.
Izitobha: UKhulumani Ndamane, uThabo Moloisane, uMbekezeli Mbokazi, uNkosinathi Sibisi, u-Aubrey Modiba, uKhuliso Mudau, uSamukelo Kabini noThabang Matuludi.
Abasesiswini: UTeboho Mokoena, uMasindi Nemtajela, uBathusi Aubaas, uThalente Mbatha noSphephelo Sithole.
Abagadli: U-Evidence Makgopa, u-Oswin Appollis, uTshepang Moremi, uLyle Foster, uMohau Nkota, uSipho Mbule noKeletso Makgalwa.

0