21 | Ezemidlalo
Friday, 04 July 2025
NGUMQEQESHI weFluminense yaseBrazil (othwele ikapisi), uRenato Gaucho.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weFluminense FC yaseBrazil, uRenato Gaucho, uthi ngeke bayithathe kalula i-Al Hilal yaseSaudi Arabia abazobhekana nayo kwiQuarter final yeFifa Club World Cup ngoLwesihlanu ngo-18h00, e-United States Of America (USA).
IFluminense imangalise abaningi iguqisa i-Inter Milan yase-Italy ngo-2-0 kwi-last 16 yalo mqhudelwano.
I-Al Hilal nayo igile izimanga iguqisa iManchester City yase-England ngo-4-3 kulesi sigaba.
"Siwulungele umdlalo, siyazi ukuthi ngeke kube lula kodwa sizokwenza konke okusemandleni ukudlulela esigabeni esilandelayo. Bonke abantu abakulesi sigaba bakhona ngoba befanele, ngakho akekho umuntu esizombukela phansi. Abadlali bayakwazi okumele bakwenze kulo mdlalo," esho.
NGABADLALI be-Al Hilal bejabula emuva kokuguqisa iMan City.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Omunye umdlalo obhekwe kakhulu ngophakathi kweChelsea yase-England ezogadulisana nePalmeiras yakhona eBrazil ngoMgqibelo ngo-03h00.
Kweminye imidlalo kuzodudulana amakilabhu ase-Europe kuphela njengoba iPSG yaseFrance izoshukana neBayern Munich yaseGermany emdlalweni ozokuba ngoMgqibelo ngo-18h00, kuthi iReal Madrid yaseSpain igadulisane neBorussia Dortmund yaseGermany kwi-quarter final yokugcina, ezokuba ngwo uMgqibelo ngo-21h00.
Isiyonke imidlalo yesigaba samaQuarter final yeFifa Club World Cup imi kanje.
NGOLWESIHLANU
Fluminense vs Al Hilal 18h00.
NGOMGQIBELO
Palmeiras vs Chelsea 03h00.
PSG vs Bayern Munich 18h00.
Real Madrid vs Dortmund 21h00.