21 | Ezemidlalo

Friday, 17 July 2026

Basabisa ngokudalulela
i-ASA 'amahlazo' ngo
Mkasi

AmaRavens AC athi impi yaqala ngo-2023 ngombango wosuku lo mjaho wabo nowalesi sikhulu

Image

YIZITHOMBE ezithwetshulwe kwiVideo esabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMengameli weKZN Athletics elwa nomgijimi uSphephelo Ndlovu.

Mzwamandla Zondi

AMA-RAVENS Athletics Club aveza uhlangothi lwawo ngempi ebe khona phakathi kukaMengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) uSteve Mkasi nomsubathi wabo uSphephelo Ndlovu.

I-video yempi phakathi kukaMkasi noNdlovu isabalale ezinkundleni zokuxhumana ngoMsombuluko ekuseni,  yize belwe ngoMgqibelo ntambama eMorningside.

Le kilabhu ikhiphe umbiko lapho isola khona uMkasi ngokuhlasela umgijimi wabo. Bathi icala balivula eBerea Police Station. Bathi basola uMkasi ukuthi wawathinta amaphoyisa, waxolisa ngesenzo sakhe. Bathi banabo ubufakazi balokho, bazobuveza uma sekufike isikhathi.

Image

NGUMENGAMELI weKZN Athletics uSteve Mkasi.

"Esingakusho wukuthi ukungaboni ngaso linye phakathi kwamaRavens neKZNA kuqale ngo-2023 kubangwa usuku lokusingatha umjaho iBest of the Best Marathon, ohlelwa ngamaRavens neCapital City Marathon okuthiwa ihlelwa nguMkasi. Sibanga usuku lomjaho noMkasi.

"Umjaho wethu uba njalo mhla ka-28 kuFebruary. Wasilwisa wathi lolu wusuku lomjaho wakhe iCapital City. Ingxabano enkulu iqale lapho. Ngolwazi esinalo, uMkasi akangeni kwiFixture Committee yeKZNA kodwa ngendlela izinto ezenzeka ngayo, ubukeka engomunye wabathatha izinqumo ukuthi umjaho othile uzokuba nini," kusho isitatimende.

Le kilabhu iqhube yathi ifuna ukwazi ukuthi kwenzekani ngekusasa likaMkasi ngoba ngokwazi kwayo, uMkasi kufanele amiswe, le nto yokuthi ugudluziwe kabayazi.

Le kilabhu ithi izohlanganisa bonke ubufakazi bayo ibudlulisele kwi-Athletics South Africa (ASA) kusuka ekuqaleni, kuze kufike empini yangoMgqibelo. Iphethe ngokuthi izoyilandela yonke imigudu ebekelwe yona yiKZNA njengoba umsubathi wabo emisiwe ngenxa yale mpi.

0