07 | Izindaba
Friday, 01 May 2026
YIJAJI uMbuyiseli Madlanga, ongusihlalo wekhomishini ephenya ngokugxambukela kosopolitiki nezikhulu zikahulumeni ekusebenzeni kwengalo yomthetho.
Thandoluhle Ngubo
UNGQONGQOSHE wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo, uNkz Mammoloko Kubayi uveze ukuthi izodinga ukwengezelwa isabelomali ukuze iqhubeke nokwenza umsebenzi wayo iKhomishini kaMadlanga ephenya izinsolo zokugxambukela kosopolitiki emsebenzini wamaphoyisa, ezavezwa uMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi.
UNkz Kubayi usho lokhu ngesikhathi ethula umbiko wendlela yokusebenza komnyango wakhe kulo nyakamali, lapho eveze khona ukuthi umnyango wakhe awunayo imali yokwengeza kwisabelomali sika-R147 million esanikwa le khomishini ngonyaka odlule.
NGUNGQONGQOSHE wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo, uNkz Mammoloko Kubayi.
"Imali eyabelwa ikhomishini isekhona njengamanje, kusasebenze u-R123 million kuyo. Le khomishini bekumele iphothule umsebenzi wayo ngenyanga eyedlule kodwa yacela ukwelulelwa isikhathi kuze kube wu-August nonyaka. Inkinga esinayo wukuthi umnyango kawunayo imali yokuthi iqhubeke nomsebenzi wayo uma kuphela isabelomali sayo," esho.
Eqhuba, uthi nakuba amandla elele kumengameli wezwe kodwa nabo sebeqalile ukwenza imizamo yokuthi ikhomishini ithole isengezo semali njengoba sebeziqalile izingxoxo noMgcinimafa kazwelonke, uMnu Enoch Godongwana.
NGU-ADVOCATE Sesi Baloyi SC, yiJaji uMbuyiseli Madlanga, no-Advocate Sandile Khumalo SC.
"Esingafuni kwenzeke wukuthi ukwelulwa kwesikhathi sekhomishini kuphazamise ezinye izinhlelo zomnyango. Umsebenzi owenziwa yikhomishini uyancomeka kakhulu, yikho nathi sibhalele umgcinimafa kazwelonke, sicela ukuba asengezele imali ezoya kwikhomishini. Nginethemba lokuthi uzoluthathela phezulu lolu daba njengoba ekewenza esikhathini esedlule," esho.