20 | Ezemidlalo

Friday, 21 November 2025

Ingwadla yokulimala kwabadlali kwi-Arsenal

Image
Umqeqeshi ubalisa ngokuthi bashayeke kakhulu ngalesi simo

NGU-GABRIEL oyisitobha se-Arsenal olimele.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UBHEKENE nengwadla umqeqeshi we-Arsenal FC, uMikel Arteta njengoba elinyalelwe  ngabadlali ngaphambi kwemidlalo emqoka ye-English Premier League (EPL) neye-Uefa Champions League.

I-Arsenal izobhekana neTottenham Hotspur kowe-EPL ngo-18h30, ngeSonto, kuthi ngoLwesithathu igadulisane neBayern Munich yaseGermany kowe-Uefa Champions League ngo-22h00.

Njengoba kade kudlalwa imidlalo yamazwe, abaqeqeshi bahlale bebambe umoya ngabadlali babo abamqoka abasuke bemele amazwe abo.

Image

NGU-DAN Burn weNewcastle United egxavula uKai Harvertz we-Arsenal.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Ngeshwa u-Arteta ulinyalelwe ngumdlali wakhe omqoka, uGabriel Magalhaes waseBrazil, oyisitobha.

Omunye olimele nguKai Harvertz, othinteke ngesikhathi edlalela iGermany kweyokuhlungela indebe yomhlaba.

"Sishayeke kakhulu ngokulimala komdlali wethu njengoba sekumele sibone ukuthi senzenjani ukuvala isikhala sakhe.

"Kuhlale kunzima uma abadlali behambile, ngoba sisuke silindele ukuthi bangabuya bephazamisekile," esho.

Kwenzeka lokhu nje, iGunners izama ukunqoba iligi eyagcina ukuyiqukula ngesizini ka-2003/04, isaqeqeshwa ngu-Aserne Wenger waseFrance - osathatha umhlalaphansi. Ngo-2004 i-Arsenal
yadlala isizini yonke ingakaze yehlulwe.

Isiyonke imidlalo ye-EPL engempelasonto ihlelwe kanje:
NGOMGQIBELO
Burnley vs Chelsea 14h30.
Liverpool vs Forest 17h00.
Bournemouth vs West Ham 17h00.
Wolves vs Palace 17h00.
Brighton vs Brentford 17h00.
Fulham vs Sunderland 17h00.
Newcastle vs Man City 19h30.
NGESONTO
Leeds vs Aston Villa 16h00.
Arsenal vs Tottenham 18h30.
NGOMSOMBULUKO
Man United vs Everton 22h00.
* EyeSpanish La Liga:
NGOLWESIHLANU
Valencia vs Levante 22h00.
NGOMGQIBELO
Alaves vs Celta Vigo 15h00.
Barcelona vs Athletic Club 17h15.
Osasuna vs Real Sociedad 19h30.
Villarreal vs Mallorca 22h00.
NGESONTO
Oviedo vs Rayo Vallecano 15h00.
Real Betis vs Girona 17h15.
Getafe vs Atletico Madrid 19h30.
Elche vs Real Madrid 22h00.
NGOMSOMBULUKO
Espanyol vs Sevilla 22h00.
* Eye-Serie A yase-Italy:
NGOMGQIBELO
Cagliari vs Genoa 16h00.
Udinese vs Bologna 16h00.
Fiorentina vs Juventus 19h00.
Napoli vs Atalanta 21h45.
Verona vs Parma 13h30.
Cremonese vs Roma 16h00.
Lazio vs Lecce 19h00.
Inter Milan vs AC Milan 21h45.
NGOMSOMBULUKO
Torino vs Como 19h30.
Sassuolo vs Pisa 21h45.

0