02 | Izindaba

Friday, 16 January 2026

Ezifingqiwe

Kusule isethenjwa seDA

Image

WENZE izinsolo ezishaqisayo, esula kwiDA uMnu Dion George (osesithombeni), obeyilungu lokuqina laleli qembu, futhi oke waba ngungqongqoshe wezokudoba namahlathi ngaphansi kukahulumeni wenhlanganisela eNingizimu Afrika, iGNU.

UGeorge usole umholi waleli qembu, uMnu John Steenhuisen, ngokuncetheza ne-ANC, nokwehluleka wukuhola iqembu ngokuzimela nakuba lingaphansi kwalo hulumeni.

Uthe unembeza wakhe kawusamvumeli ukuthi abe yingxenye yeDA eholwa nguSteehuisen, ngoba kayisahambisani nenqubo-mgomo ayijoyinela leli qembu.

Umsole nangokuthatha izinqumo ezimzuzisa yena siqu, kunokuhlomulisa iqembu nabantu baseNingizimu Afrika.


I-IFP ithi kuningi okuxovwa yiMKP esishayamthetho saseKZN


Image

USOTSWEBHU oMkhulu we-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala (osesithombeni), uthi ukuba khona koMkhonto weSizwe Party (MKP), kuphazamise kakhulu ukusebenza kwesishayamthetho.

UGwala usebe yilungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal kusukela ngo-1994, kanti uthi ukusebenza kwaso kakukaze kube nokuphazamiseka ngendlela okuyiyona ngaphambi kokuba khona kweMKP, efike kusona ngo-2024.

I-MKP ike yazama ngoDecember ukukhipha undunankulu wesifundazwe, uMnu Thami Ntuli ngevoti lokungamethembi, kodwa yehluleka.

UGwala uthi zonke izinto ezinenqubekela phambili, ezibekwa ezithebeni esishayamthetho, iMKP iyaziphikisa. Uthi wukwenyuswa kwamaholo kuphela eyakweseka, okukhombisa khona ukuthi icabangela izisu zayo, hhayi ukuthuthukisa impilo yabantu baKwaZulu-Natal.

Zinciphile izingozi zemigwaqo ngamaholide kaKhisimusi

Image

NGUNKZ Barbara Creecy nesekela lakhe, uMnu Mkhuleko Hlengwa.

UMNYANGO wezokuThutha kuZwelonke, uthi ezingozini eziwu-1 172 ezibikiwe, ezenzeke ngesikhathi samaholide kaKhisimusi, bawu-1 420 abantu abashonile.

Ungqongqoshe walo mnyango, uNkz Barbara Creecy nephini lakhe, uMnu Mkhuleko Hlengwa, bathi lesi sibalo sikhombise ukuncipha kwezingozi emigwaqweni yezwe uma kuqhathaniswa neminyaka edlule.

Izifundazwe ezinconyiwe ngokuba nesibalo esincane sabashone ezingozini zemigwaqo, yiFree State ne-Eastern Cape.

Amadolobha abe nesibalo esiphezulu sababhubhile yiTheku, yiCape Town neJohannesburg.

UMnyango uthi imithetho elawula abashayela bephuze utshwala, kufanele ibuyekezwe, iqiniswe kakhulu.


Inhloko yezobunhloli emisiwe ithi ifike izinto zimapeketwane kulolu phiko


Image

INHLOKO yezobunhloli emisiwe embuthweni wamaphoyisa , uJenene Dumisani Khumalo (osesithombeni), ithi ngesikhathi ithatha lesi sikhundla 'kwakuyikwamachanca' kulolu phiko.

Utshele ikomidi lePhalamende - eliphenya ngezinsolo ezenziwa nguMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, zokugxambukela kwesandla semfene emaphoyiseni nakwingalo yomthetho - ngoLwesine ukuthi kwakunezikhulu ezinezikhundla eziphezulu ngesikhathi eqala ngoDecember wango-2022, okwakuneminyaka ewu-15 zihola, ekubeni zingasayi emsebenzini.

Uthe izimoto zikahulumeni ezazabelwe ukusebenza kwamaphoyisa, zazixhashazwa yizona lezi zikhulu.

UKhumalo uthe ngesikhathi engena embuthweni wamaphoyisa ngo-1991, wayengazi ukuthi uzodlondlobala, athole izikhundla eziphezulu. Uthe ulwile nenkohlakalo esiphoyiseni.

Ikhuthaza ukuvikelwa kwezakhiwo zezikole ingwevu kaKhongolose

ISHAYE indesheni kumalungu omphakathi ukuvikela izikole ingwevu ye-African National Congress (ANC), uDkt Sibongiseni Dhlomo ongusihlalo wekomidi lezeMfundo, ezobuChwepheshe nokuThuthukiswa kwamakhono kuleli qembu.

Lo mholi ubethula inkulumo esigcawini sabezindaba ebesibanjelwe emahhovisi aleli qembu eThekwini, ngoLwesine.

Uthe kuningi okufanele kukhulunywe ngakho okuthinta ezemfundo kulesi sifundazwe nakuzwelonke, kodwa isicelo sabo ngesokuba abazali namalungu omphakathi bavikele izikole ngoba ziyizikhungo okwakhiwa kuzona ikusasa lesizwe.

Ubebambe lesi sigcawu ngokubambisana noMnu Sipho Hlomuka  (
osesithombeni esingezansi), ongomunye wabaholi baleli qembu, obuye abe nguNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, noMnu Fanle Sibisi okhulumela leli qembu KwaZulu-Natal.

Image

UHlomuka uthe kuyathokozisa ukuthi iningi lemiphumela emihle yabafundi bakamatikuletsheni ivela ezikoleni ezisezindaweni zasemakhaya.

"Kule miphumela emihle esiyitholile, u-67% uphuma ezindaweni zasemakhaya, okuwuphawu lokuphela kokungalingani kwezikole zasemakhaya nezasemalokishini," kusho uHlomuka.

Uthe kuyicala ukujikisa umfundi ngoba kunesidingo sesikole esingakhokhiwe.

"Kuyicala ukujikisa umfundi ngoba kuthiwa umzali wakhe akawathengile amaphepha nezinye izidingo okujwayeleke ukuthi abazali nothisha bavumelane ngazo.

"Siyacela ukuthi abazali nothisha bakulungise lokho. Uma kunothisha ojikisa izingane, kufanele abikwe ezinhlakeni zokuqondiswa ubugwegwe zomnyango," kusho uHlomuka.

0