06 | Izindaba

Friday, 01 August 2025

Ifu elimnyama emculweni kushona owe-gospel

Image
Iqembu lakhe belingcwaba elinye ilungu ngonyaka odlule

NGUSIYABONGA Ndlovu obeyilungu leqembu Abanqobi.

Lucky Cain

SELIPHINDE lagutshazelwa yifu elimnyama iqembu lomculo we-gospel, Abanqobi ngokudlula emhlabeni kwelungu lalo, uSiyabonga Gazi "Spikili" Ndlovu.

UNdlovu oshone ngoLwesibili ekuseni ngemuva kokuxinwa wukugula, ulandela uzakwabo kuleli qembu, uSibusiso Zulu odlule emhlabeni ngonyaka odlule.

Ngokusho kukaMandla Ntuli ongelinye lamalungu aleli qembu, uNdlovu - ongomunye wabasunguli baleli qembu - ukugula kumqale emasontweni amathathu adlule.

UNtuli uthe uSpikili wamazisa ngezinhlungu ayebhekene nazo ngesikhathi bebuya ukuyonandisa komunye umcimbi.

"Ngesikhathi engitshela, wayesola ukuthi unama-ulcer. Ngamtshela ukuthi ngike ngizwe kuthiwa u-ice cream uyasiza uma unawo (ama-ulcer). Wangitshela ukuthi useke wawuzama, kodwa lezi zinhlungu zisekhona," kusho uNtuli.

Image

YIQEMBU Abanqobi uNdlovu abeyilungu lalo.

Uthe ngokuhamba kwesikhathi, zamqinisa izinhlungu waze waphuthunyiswa esibhedlela. "Ngesikhathi efika okokuqala esibhedlela, kwabatshazwa izinga eliphezulu leBP yakhe, kodwa bazama ukuyehlisa," esho.

"Wagcina esekhala ngezinhlungu zomzimba wonke, naye engasazi ukuthi kumele enze njani njengoba nodokotela babengaboni lutho uma bemhlola," kusho uNtuli.

Uthe ngoMsombuluko uNdlovu wenze okwehlukile, wabiza wonke umndeni wakhe, wawutshela ukuthi useyaliphonsa ithawula - useyayibona indlela.

"Odadewabo bamtshele ukuthi makalwe, bamthethisa, kanti ngempela ubeseyibona indlela njengoba ngoLwesibili kugcine ngokumenela," kusho uNtuli ochaze uSpikili njengomuntu obewukhonzile umsebenzi wabo womculo, futhi ezimisela ngokuthi iqembu liqhubeke, likhule.

USipikili ungelinye lamalungu okuqala aleli qembu eligubha iminyaka ewu-26 lasungulwa kulo nyaka.

UNtuli uthe bagutshazelwa yileli lifu nje, akukapheli nonyaka befihle omunye uzakwabo, uZulu, naye ongagulanga isikhathi eside.

Kulo nyaka Abanqobi bakhiphe i-albhamu enezingoma eziwu-10, esihloko sithi "The Journey Continue", abakhumbule ngayo uZulu.

UNtuli uthe nakuba zingakaphothulwa izinhlelo zomngcwabo kaSpikili, kodwa bahlela ukuba nenkonzo yesikhumbuzo ngeSonto ehholo lakwa-G, eMlazi, ngaphambi kokuba kube nenkonzo yomngcwabo ngoLwesibili ezoba seMlazi Cinema.

USpikili ushiye emhlabeni izingane zakhe ezimbili namalungu omndeni wakhe.

0