22 | Ezemidlalo
Friday, 27 June 2025
NGU-GAVIN Hunt okuvela ukuthi ubalwa nabaqeqeshi abangase bacije iDurban City.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
SICACISA ngohlobo lomqeqeshi esimdingayo isikhulu seDurban City esanda kwehlukana noSimo "Govuza" Dladla, oyihole yanyukela kwiBetway Premiership.
UFarook "Ntshebe" Kadodia ongumnikazi weCity, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi usacubungula uhlu lwabaqeqeshi abazokwazi ukufitha khaxa osikweni lwale kilabhu, aphinde abe wubuso bekilabhu. Uthe udinga umqeqeshi onesipiliyoni sokucija amakilabhu agijima kwiPremiership.
"Ngifuna umuntu ozokwazi ukubuyisa uzinzo ekilabhini ngokushesha. Sinomthwalo omkhulu njengoba sisazongena emakethe, kangifuni ukuthatha nanoma ngabe yimuphi umdlali.
"Kufanele sicophelele, singagcini silanda abadlali abanomlando wokungaziphathi kahle. Sizokwenza ucwaningo olunzulu ngomdlali ozokuba yingxenye yekilabhu," esho.
NGU-ROWEN Human
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Uthi ufuna ikilabhu yakhe yaziwe ukuthi iyalwa enkundleni, amakilabhu angazitapeli nje amaphuzu uma ebhekene nayo.
Phakathi kwamagama abaqeqeshi abavelayo ukuthi bangase bathathe lo mkhumbi, kukhona nelikaGavin Hunt okuvela ukuthi uKadodia useziqalile izingxoxo zokuthi ayosebenza eThekwini. Kuhamba phambili igama likaHunt nje, nelikaRoger de Sa no-Owen da Gama ayasikazwa kule kilabhu.
Kubadlali okuthiwa bafunwa nguKadodia, kuvela negama likaRowan Human obekumaZulu FC yize lo mdlali esohlwini lwabagaqelwe nayiKaizer Chiefs.