22 | Ezemidlalo

Friday, 23 October 2026

Image

NGUKHULEZWENI "Khura" Buthelezi obambe kwesikamengameli weKZNA.

Kuzobhungwa ngekusasa lobuholi beKZNA


Kukhona abafuna kubanjwe ukhetho oluyisipesheli ukuqoka umengameli omusha

Mzwamandla Zondi
 
IKWAZULU-Natal Athletics (KZNA) izokuba nomhlangano omqoka ngoMgqibelo, lapho okulindeleke ukuba kuthathwe khona izinqumo ezimqoka ngobuholi bale nhlangano.

Kuzokhumbuleka ukuthi iKZNA iholwa nguKhulezweni "Khura" Buthelezi, emuva kokushiya esikhundleni kukaSteve Mkasi obengumengameli wayo.

UMkasi ushiye kwiKZNA engaphansi kwenkulu ingcindezi njengoba bekufanele ayovela esigcawini esiqondisa ubugwegwe ngokulwa nomsubathi wamaRavens Athletics Club egwaqweni oseMorningside, eThekwini.

Laba baqoshwa bengingqana phansi ngequpha. Lesi senzo sathathwa njengesibi kakhulu kwezemidlalo.

UMkasi ngaphambi kokuvela okokuqala esigungwini esiqondisa ubugwegwe, ukhale ngokuthi simhlukumeze kakhulu lesi simo.

Esesula esikhundleni, ubalule ukuthi odokotela bakhe bamyalele ukuba anake impilo yakhe, ngoba uma kungenjalo, uzokuba nenkinga njengoba ephume esigcawini wayobona udokotela.

Akabange esabuyela okwesibili njengoba evele wesula.

Image

NGU-STEVE Mkasi.

NgoMgqibelo, iKZNA izokuba ne-council meeting ukuyobhunga ngezinto ezithinta le nhlangano elawula ezokugijima esifundazweni.

Kuthiwa okuseqhulwini ezintweni okuzobhungwa ngazo, wudaba lukamengameli.

ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi kunabathile abafuna kube nokhetho ukuze kuqokwe umengameli omusha. Umthombo waleli phephandaba uthe okufanele kwenziwe yiKZNA, wukuba nokhetho.

Uthe le nto eyenzeka kwiKZNA kayiqali, yake yenzeka ngo-2014 ngesikhathi kuxoshwa uJames Evans, kwi-Athletics South Africa (ASA), emuva kwalokho kwayiwa okhethweni.

Lolo khetho lwanqotshwa ngu-Aleck Skhosana owayephume kabuhlungu kwiKZNA, ekhishwa nguSello Mokoena okhethweni lwango-2012.

Kuthiwa abantu abangakwazi ukusimamisa umkhumbi weKZNA ocwilayo nguMthoko Khuzwayo, u-Adam Lipschitz, uMokoena, uSkhosana, uMdu Khumalo, uMandla Mngomezulu, uChris White, uButhelezi, uNorrie Williamson ukubala nje izikhulu ezimbalwa eziwazi ukusuka nokuhlala lo mdlalo.

0