22 | Ezemidlalo
Friday, 06 February 2026
Kuhoxe ngemizuzu yokugcina abevumelene ukugwedla naye kwiK2
NGUMGWEDLI uSbonelo Khwela.
Mzwamandla Zondi
KUPHAZAMISEKE izinhlelo zikaSbonelo Khwela zeDusi Canoe Marathon ezoqala ngoLwesine lomhla ka-19 isongwe ngoMgqibelo mhla ka-21 kuFebruary isukela eMgungundlovu isongwe eThekwini.
Umjaho walo nyaka uzokube uyiK2 lapho kusuke kugwedlwa ngababili. Yikulolu hlobo kuphela lapho abagwedli abamnyama sebeke banqoba khona, futhi uma bebambisene nabamhlophe. Kakukaze kwenzeke ukuthi unqotshwe ngabampisholo bebodwa. NakwiK1 kuhlezi kunqoba abamhlophe.
NGUSBONELO Khwela egwedla noMsawenkosi Mtolo.
UKhwela ungomunye wabagwedli abasuke beyizimfivilithi kulo mjaho njengoba eseke wawunqoba kwiK2, egwedla no-Andy Birkett ongabhenywa kulo mdlalo. UBirkett usewunqobe lo mjaho amahlandla angaphezulu kweshumi okuhlanganisa iK1 (egwedla yedwa).
UKhwela – ojwayele ukungena nabokuqala abathathu kwiK1 – uthi izinhlelo zakhe ziphazamisekile ngesikhathi uBongani Ntinga (obezokuba nguphathina wakhe) emtshela ukuthi ngeke esakwazi ukuqhubeka nokugwedla naye. UNtinga utshele uKhwela ukuthi ubona sengathi uzombambezela ngoba akekho qatha ngendlela efanele.
"UNtinga ungitshele ukuthi kuzofanele ngithole omunye umuntu kwazise akanawo kahle amandla, uzibona ezongiphazamisa. Sengiphoqeleka ukuthola uphathina omusha.
"Ngizamile ukunxenxa uHenk McGregory, wakhala ngokuthi isikhathi kasisekho, unomuntu. Mhlawumbe kungenzeka ngigcine ngigwedla noMsawenkosi Mtolo. Nginethemba lokuthi sizokwenza kahle naye ngoba sobabili sesake sawunqoba ngokwahlukana lo mjaho, sigwedla noBirkett," esho.
UKhwela uveze ukuthi ukuzilungiselela lo mjaho wenze i-50 miller, iMid Miller, iGladwin neminye imijaho embalwa kanti ekupheleni kwenyanga bekufanele ayogijima eGoli kodwa wagcina engayanga. Uphethe ngokuthi ziyaqala izinhlelo zokulungisa iShongweni Dam eyabhidlizwa yimvula eyashiya kukhalwa eThekwini.