Ezemidlalo | 20

Friday, 09 May 2025

Image

KULINDELWE ukuba ushube umbango enkabeni yesisu phakathu kukaThalente Mbatha we-Orlando Pirates noThabo Cele weKaizer Chiefs kowamanqamu weNedbank Cup. 

IPirates ifunga iyagomela ngoweChiefs

Senzo Sokhela

I-ORLANDO Pirates ifunga iyagomela ukugwema amaphutha adlule uma seyidudulana neKaizer Chiefs kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo ngo-15h30 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UThalente Mbatha odabuka KwaMashu, eThekwini, olihlikihla esiswini kwiPirates, utshele abezindaba ngoLwesine eDurban North College, ukuthi bazolwela ukugwema ukungenelwa yigoli kuqala kulo mdlalo, okuyinto eyenzekile emdlalweni odlule abanqobe kuwona ngo-2-1 bebanga amaphuzu namaKhosi.

Uthi kuyabakhathaza ukungenelwa kuqala ngamagoli.

"Wumdlalo omkhulu lona kithina njengekilabhu kodwa ngikholwa wukuthi sizilungiselele kahle. Okufanele sikwenze nje kulo mdlalo wukuthi siwuqale ngegiya eliphezulu.

Image


"Into esikhathazayo wukuthi sekujwayelekile ukuthi uma sidlala nabo sibavumele ukuba bathole igoli kuqala, bese silandela, okuyinto enzima.

"Simatasa silungisa lokho ngoba kasifuni kusiphinde njengoba siya kulo mdlalo. Kulokhu sifuna ukulwela ukuthi kube yithina esilishaya kuqala igoli ngoba uma senze kanjalo, ngiyazi ukuthi kuzoba nzima ukuthi babuye," esho.

0