22 | Ezemidlalo
Friday, 17 July 2026
Mzwamandla Zondi
INTAKA ibekelwe amazolo kwiDundee July engoMgqibelo lapho kuzokube kugabavula amahhashi awu-340 eDundee. Kuzokube kugaduliswana emijahweni ewu-12 kubangwa imiklomelo yenani lika-R3 million. Ingqwele yomjaho omkhulu izoguduka no-R400 000.
Namuhla ngoLwesihlanu kuzokuba nenhlabaluhide edolobheni iDundee. Kuzokuthi ntambama kube nedili lomculo kamaskandi elokishini iSibongile.
UNgqongqoshe wezeMidlalo KwaZulu-Natal uMntomuhle Khawula, uthe balindele umjaho osezingeni eliphezulu kulo nyaka njengoba kugujwa unyaka ka-21 wasungulwa.
IHHASHI uNxakanxaka (elikwesobunxele) ngelinye labhekwe ukwenza kahle kwiDundee July yalo nyaka.
"Konke sekumi ngomumo ngeDundee July yalo nyaka. Uma ungekho eDundee ngale mpelasonto uzophuthelwa.
"Lo mjaho waqala kuyinto encane, abantu bezenzela ngabodwana, manje usukhule kakhulu. Okuhle wukuthi kuzokube kungenwa mahhala kanti ikhona neminye imicimbi okungenwa ngemali kuyona," kusho uKhawala.
Uqhube wathi uyasithanda isiqubulo salo nyaka esithi "Hloba ngobu-Afrika" lapho belindele ingqephu esezingeni eliphezulu. Ngaphandle kwamahhashi, kuzokube kunomncintiswano wengqephu ozokwenzeka ngesikhathi esisodwa namahhashi.
NGUNGQONGQOSHE wezemiDlalo KwaZulu-Natal uMntomuhle Khawula, abamodeli bengqephu nezinye izikhulu ngesikhathi kwethulwa iDundee July yakulo nyaka.
Phakathi kwamahhashi abhekiwe kulo nyaka kukhona uMpendulo onqobe nyakenye, uNxakanxaka, iNkingentsha, ukubala nje ambalwa.
Lo mjaho uletha eningi imali kumasipala iNdumeni njengoba kuthiwa izindawo zokulala sezigcwele zonke ngenxa yesasasa lawo. Abanye balala emadolobheni angomakhelwane kanti abanye abantu bashintsha izindlu zabo bazenze ama-BnB, ukuzakhela imali.