22 | Ezemidlalo

Friday, 30 October 2026

Image

NGU-ELROY Gelant.

Ingqwele yakuleli ye-marathon nokuyenza izifela ngeBoxer 5km


Kwakheka isivinini kulo mjaho ogijinywa ngokwahlukana eThekwini naseGoli

Mzwamandla Zondi

KUBHEKWE ingqwele yaseNingizimu Afrika ye-marathon, u-Elroy Gelant ukuba yenze kahle kwiBoxer Super Run 5km ezokuba ngeSonto lomhla ka-15 kuNovember eGoli.

Lo mjaho ulandela owaseThekwini obungo-October, usukela eBlue Lagoon, waphelela khona.

UGelant - ozinze eNorth West, osubathela iBoxer Athletics Club - uphethe irekhodi lakuleli le-marathon ngo-2:05, kanti akawuqalanga kahle lo nyaka ngenxa yokulimala.

AbakwaStillwater Sports abadidyela lo mjaho (Boxer Super Run), bakuqinisekisile ukuthi uGelant ungomunye wabazokube bebagadulisa kulo mjaho eGoli.

Image

NGU-ELROY Gelant.

Omunye umsubathi obhekiwe kulo mjaho nguCarina Swiegers wasePretoria.

"IBoxer Super Run iwumjaho obalulekile kwezokugijima eNingizimu Afrika. Uhlanganisa abagijimi abahlukene, abaphuma ezindaweni ezahlukene.

"Engikuthanda ngalo mjaho wukuthi kasikho isikhathi sokuzonga kuwona, ulokhu ucasha. Kufanele kuthi kukhala isibhamu, usuke inhlamvu uhambe ngoba uma uke wenza iphutha wasala, ngeke usabafica laba abasuke sebengaphambi kwakho.

"Uyasiza kakhulu uma usuyogijma amabanga amade ngoba uba nesivinini, okuyinto ebalulekile kulo mdlalo wethu. Ngithanda ukubonga abakwaStillwater Sports nabakwaBoxer ngokusihlelela umjaho walolu hlobo," kusho uGelant owake waba yingqwele yeDurban International Marathon.

Image

NGU-CARINA Swiegers.

UCarina uthe inhloso yakhe wukwenza i-personal best (PB) kulo mjaho, kanti okunye akubhekile wukungena nabokuqala abawu-8 ukuze akwazi ukuthola umklomelo njengoba lo mjaho ukhokhela kusuka kowokuqala kuya kunombolo 8.

Uthe umzila walo mjaho unzima njengoba unezintaba ezingatheni, kodwa uwubheke ngabomvu.

Okuphawulekayo ngawo wukuthi sewugcwele, ngeke isamukelwa eminye imingenelo kanti kwenzeke esifanayo nakowaseThekwini njengoba imingenelo yabasubathi abawu-7 000 yatholakala ngosuku lokuqala kuvuliwe ukuwubhalisela.

Izingqwele zizohlomula ngo-R20 000 kubo bobubili ubulili kwehle njalo kuze kufike kunombolo 8.

0