21 | Ezemidlalo
Friday, 30 October 2026
NGU-XABI Alonso (okwesobunxele) ejabula nabadlali bakhe.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weChelsea FC, uXabi Alanso, ufisa abadlali bakhe bakhohlwe wumdlalo weCarabao Cup abahlulwe kuwona yiLiverpool ngo-6-5 sekushaywa amaphenathi, emuva kokuba uphele ngo-1-1.
UMorgan Rogers ubeke iBlues phambili, ngaphambi kokuba uCody Gakpo abuyisele iReds emdlalweni.
Ekhuluma emuva komdlalo u-Alonso, uthe ukholwa wukuthi bakwenze konke kulo mdlalo, kodwa kwasho khona ukuthi bekungelona usuku lwabo.
"Sibe nomdlalo omuhle nakuba singanqobanga. Sikhombisile ukuthi singamelana nanoma iyiphi ikilabhu. Sikwenze konke obekumele sikwenze.
"Abantu ebesidlala nabo badlale kahle kakhulu, futhi nabalandeli bawujabulele umdlalo abawubonile. Kuyajabulisa ukubona abadlali bekhombisa ukuzimisela, okuyinto esikhuthazayo.
"Uma uya emaphenathini, sonke sisuke sazi ukuthi kungenzeka noma yini," esho.
NGU-JORDAN Henderson.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Kulo mdlalo kubonakale abalandeli beLiverpool behhewula uJordan Henderson owayengumdlali wayo, ngesikhathi eyoshaya iphenathi, kodwa wakwazi ukuyibeka phakathi phezu kwengcindezi abefakelwa yona.
NgoMgqibelo, iChelsea izokwamukela iManchester United ephefumula ngenxeba njengoba ibhinjelwa yizinto ngaphansi kobuholi bukaMichael Carrick owafika wagila izimanga kule kilabhu ayithola idonsa kanzima, wayifaka ngisho kwi-Uefa Champions League, okuyinto iRed Devils ebisiyizwa ngendaba.
Nakuba selibukeka ligaya ngomunye umhlathi, kodwa kusekhona izikhulu ezikholelwa ekutheni lo mqeqeshi usengakwazi ukubuyisela le kilabhu endaweni ehloniphekile ebholeni lomhlaba.
* Imidlalo ye-EPL engempelasanto imi kanje:-
NGOMGQIBELO
Chelsea vs Man United 14h30.
Bournemouth vs Leeds 17h00.
Coventry vs Sunderland 17h00.
Man City vs Brighton 17h00.
Brentford vs Forest 17h00.
Hull vs Ipswich Town 17h00.
Spurs vs Palace 19h30.
Aston Villa vs Fulham 22h00.
NGESONTO
Liverpool vs Arsenal 18h30.
NGOMSOMBULUKO
Newcastle vs Everton 22h00.
* Eye-Serie A yase-Italy:-
NGOMGQIBELO
Bologna vs Monza 16h00.
Udinese vs Roma 19h00.
AC Milan vs Inter Milan 21h45.
NGESONTO
Como vs Venezia 13h30.
Frosinone vs Torino 16h00.
Lazio vs Cagliari 16h00.
Lecce vs Genoa 19h00.
Juventus vs Napoli 21h45.
* EyeSpanish La Liga:-
NGOMGQIBELO
Levante vs Atletico 15h00.
Rayo vs Celta 17h15.
Betis vs Malaga 19h30.
Barcelona vs Alaves 22h00.
NGESONTO
Getafe vs Sevilla 15h00.
Racing vs Real Madrid 17h15.
Elche vs Valencia 19h30.
Atheltic Club vs Real Sociedad 22h00.
Derpotivo vs Osasuna 22h00.