Ezemidlalo | 21
Friday, 09 May 2025
NGABADLALI beDurban City bejabulela elinye lamagoli, bedla iJDR Starts ngo-3-0.
Mfanafuthi Ndlovu
IZOLWELA ukubalekela amathonsi abanzi iDurban City ngokuqoqa amaphuzu agcwele uma seyishukana neBlack Leopards koweMotsepe Foundation Championship (MFC) ngeSonto ngo-15h00 eChatsworth Stadium, eThekwini.
ICity seyidinga amaphuzu amane ukuqinisekisa ukuthi ngesizini ezayo yenyukela kwiBetway Premiership njengoba iqhwakele ngamaphuzu awu-52 emidlalweni ewu-28, kuthi izimbangi zayo ezinkulu i-Orbit College ibambe isibili ngawu-49 emidlalweni elinganayo.
USimo "Govuza" Dladla opheka iCity, utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi kunzima ukubhekana kahle nesimo abakusona ngenxa yamaphutha abuye enziwe ngonondweba.
NGUSIMO " Govuza" Dladla ocija iDurban City.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Uthi emdlalweni wabo neMilford abaguqe kuwona ngo-2-1, bekucaca ukuthi unondweba nguyena umdlali wosuku ngoba bekubukwa yena.
"Kufanele silwe umdlalo uqala kuze kube uyophela uma sesibhekene neLeopards. Kufanele siqikelele ukuthi siwathola ephelele amaphuzu ukuze singagcini sesingaphansi kwengcindezi emdlalweni wokugcina neCape Town Spurs ozokuba ngelizayo ekuhambeni," esho.
* Isiyonke imidlalo yeMFC engempelasonto imi kanje:-
NGESONTO
EChatsworth: Durban City vs Black Leopards 15h00.
EGlobal Village: Baroka FC vs Pretoria Callies 15h00.
E-Absa Tuks: University of Pretoria vs Upington City 15h00.
EMxolisi Dicky: Hungry Lions vs Cape Town Spurs 15h00.
ESoshanguve: JDR Stars vs Orbit College 15h00.
EGelvandale: Highbury FC vs Kruger United 15h00.
EDobsonville: Leruma FC vs Milford FC 15h00.
EThohoyandou: Venda FC vs Casric Stars 15h00.