21 | Ezemidlalo

Friday, 15 May 2026

Image

Izinguquko ezintsha kwiComrades yanonyaka


Kubhekwe ukuba uGerda Steyn aqhubeke nokuphula amarekhodi kulo mjaho

Mzwamandla Zondi

SEKUNEZINGUQUKO ezintsha kwiComrades Marathon yanonyaka ezokuba ngeSonto lomhla ka-14 kuJune, isukela eThekwini, isongwe eMgungundlovu.

Umjaho wanonyaka uzokube ugijinywa ihlandla lika-99 selokhu wasungulwa ngo-1921 - nguVic Clapham -  kanti ungenelwe ngabasubathi abawu-22 000.

Nyakenye iComrades Marathon Association (CMA) beyizehlukanise kathathu izigaba zokuqala zalapho bekusuka khona lo mjaho.

Isigaba sokuqala okuwu-batch A kuya ku-G, sizokuba nabagijimi abazoqala ngo-5 ekuseni, lapho okuzokube kukhona nezinkunzi okubhekwe ukuba zidle umhlanganiso kulo mjaho. Lesi sigaba singenelwe ngabasubathi abawu-9 952.

Okubalulekile okushiwo yiCMA wukuthi abasubathi asebegijime iComrades amahlandla awu-10 kuya kuphezulu (green number), bazoqala nabesigaba sokuqala.

Image

Isigaba sesibili okuwu-batch H kuya ku-M, sizoqala ngo-05h15 kanti sinabasubathi abawu-6 704, bese kuba yisigaba sesithathu okuwu-batch N kuya ku-R ozoqala ngo-05h30.

USue Forge oyi-race director yalo mjaho, uthe ama-alphabet u-I no-O kabawafakanga ukuze abagijimi bangadideki ukuthi bangena ngakuphi.

Ngesikhathi kuvulwa imingenelo yalo mjaho nyakenye, kwabhalisa abasubathi abawu-22 000 kanti bawu-21 633 abaphumelele ukuthumela izikhathi zabo ngosuku abebebekelwe lona, lomhla ka-4 kuMay.

Kulo mjaho owu-85 777km nonyaka, kubhekwe uGerda Steyn wakuleli noPiet Wiersma waseNetherlands ukuba bavikele izicoco zabo uma kubhekwe eMgungundlovu.

UGerda - owenza kahle kulezi zinsuku - ubhekwe ngabomvu ukuqhubeka nomgqigqo wakhe wokwephula amarekhodi kulo mjaho njengoba kunguyena ophethe ele-up run eliwu-5:49:46 nele-down run, eliwu-5:44:54.

Image

NGUTETE Dijana.

Elabesilisa liphethwe nguLeonid Shvestov waseRussia alenza ngo-2008, okuwu-5:24:49 kanti elehleyo liphethwe nguTete Dijana ngo-5:13:58.

UDijana -osubathela iHollywood Athletics Club - usewunqobe kathathu lo mjaho, kodwa akakaze aludle ubhedu kuwona uma kubhekwe eMgungundlovu.

0