21 | Ezemidlalo

Friday, 14 August 2026

Image

NGUKARABO More (okwesobunxele) egadulisana noGlenrose Xaba.

Abagijimi bazolwela ukubuyisa isithunzi sakuleli kwiTWR


Imilenze emibili edlule inqotshwe ngabasubathi bangaphandle

Mzwamandla Zondi

INGQWELE yaseNingizimu Afrika ye-1500m, uKarabo More, izokube ingomunye wabasubathi abazogadulisana kwiTotalsports Women's Race (TWR) ngeSonto eGoli.

Lo mjaho ngowokugcina kwemithathu ehlelelwa abagijimi besifazane kuphela ngabakwaTotalsports, njengoba owokuqala ubuseThekwini ngasekuqaleni kwale nyanga, wanqotshwa nguNeheng Khatala waseLesotho; kwathi owesibili kwaba ngowaseCape Town othathwe nguDaisilah Jerono waseKenya; kanti kulona wokugcina kubhekwe ngabomvu abasubathi bakuleli ukuvikela isithunzi sabo.

AbakwaStillwater Sports abadidiyela lo mjaho, batshele abezindaba ukuthi uKarabo weBoxer AC, uzokube eyingxenye yalo mjaho wokugcina weTWR.

Ephawula uKarabo uthe: "Njengomgijimi, kuyangithokozisa ukuba yingxenye yomjaho ohlanganisa abantu abaningi ndawonye.

"Ngizokube ngiqala ukugijima lo mjaho ngeSonto njengoba ngingakwazanga ukugijima lena emibili edlule.

"Ngingakujabulela ukuwunqoba, kodwa ngiyazi ukuthi ngeke kube lula ngoba bonke abantu abasuke bekhona, basuke bekulangazelele ukunqoba."

Image

NGUNEHENG Khatala (ophambili) onqobe umlenze wokuqala weTWR.

Uqhube wathi okuhle ngokugijima wukuthi ngisho usukhathele, uma uzwa abantu bekubongela, uyaye uthole amandla amasha.

 Uthi ngeSonto uzokhipha wonke amangwevu ukuzama ukunqoba lo mjaho.

Kulo mjaho uKarabo uzokube ebhekene nomsubathi waseKenya, uBrenda Kenei, naye ozokube eqala ukugijima kuleli nonyaka njengoDaisilah - onqobe umjaho waseCape Town eqala ukugijima kuleli.

UBrenda uthe ujabule ngokuzogijima kuleli okokuqala ngqa empilweni yakhe. Uthe akubhekile wukwenza isikhathi esiwu-30:30 uma konke kuhamba kahle.

UMichael Meyer wakwaStillwater Sports, uthe balindele umjaho osezingeni eliphezulu ngeSonto.

Uthe uyabethemba laba basubathi abakhona ukuthi bazokwazi ukwenza isikhathi u-30:30 njengoba kusho uBrenda.

0