20 | Ezemidlalo

Friday, 09 October 2026

Image

NGUTHALENTE Mbatha ongenye yezinjini zeBucs. 

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UMajoro uqinisa idolo abalandeli beBucs ngeMTN8


Wenze isicelo kubalandeli beziMnyama ngoYanela Mbuthuma

Mfanafuthi Ndlovu
 
UQINISA idolo abalandeli be-Orlando Pirates uLehlohonolo "Major" Majoro, ngokuthi nakanjani ezabo zizosiqukula okwesihlanu kulandelana isicoco seMTN8.

UMajoro uthi ukuqinisekiswa kwezindaba zokuthi uzokube eseluleme ngokugcwele ukaputeni weBucs, uNkosinathi  "Bhodlela" Sibisi, yikhona okwenza ukuba angakungabazi ukuthi uzokwazi ukuhola le kilabhu ngobuqutho uma seyibhekene neMamelodi Sundowns kowamanqamu walo mqhudelwano ongoMgqibelo ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UMajoro  - owake wayibamba kwiBucs  - utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ukubuya kukaSibisi kumnika elikhulu ithemba lokuthi iPirates izogoduka nayo le ndebe.

Uthe nokubuya ekulimaleni kwenjini yeBucs, uThalente Mbatha, kuzokwenza isisu seZimnyama siqine kahle.

"Isicelo esikhulu enginaso ngesokuthi abalandeli bangamhhewuli uYanela Mbuthuma (ongumgadli). Useyaqala ukubuyelwa yifomu yakhe.

"Ngicabanga ukuthi uzonika izitobha zeSundowns obukhulu ubunzima ngoba ungumdlali ongahlali endaweni eyodwa, ohluphayo," esho.

Image

NGULEHLOHONOLO Majoro (ofake izibuko kwesobunxele) oqinisa idolo abalandeli beBucs.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Uthe ukholwa wukuthi ikhefu leFifa lamasonto amabili elitholwe yila makilabhu ngaphambi kwalo mdlalo, lizokwenza ukuba kusiphuke izidindi ensimini uma esebhekene.

"Leli khefu libe yisibusiso kubaqeqeshi bawo womabili amakilabhu, bakwazi ukupholisha kahle abadlali ejimini.

"Ngiyazi ukuthi nomlando uzokuba neqhaza emphumeleni walo mdlalo. Konke sekulele kubadlali ukuzakhela amagama abo ebholeni lakuleli," esho.

Uthe into ayifisayo wukuthi lo mdlalo ube namagoli amaningi, njengoba isibalo sawo sesigaye imali ewu-R460 000.

"Engikufisayo wukuthi sidlule isibalo sangesizini edlule lapho kwenziwe khona u-R480 000. Lokhu kuzokwenza kuhlomule izinkampani eziningi ezingayenzi inzuzo," esho.

Umbango omkhulu wala makilabhu uzokube uphakathi kukaRonwen Williams weDowns noSipho Chaine wePirates okubhekwe ukuba balwele ukungangenelwa ngamagoli kulo mdlalo. Bobabili laba badlali bangonozinti beBafana Bafana.

0