20 | Ezemidlalo

Friday, 19 June 2026

Image
UBiyela uthi uma lezi zindaba ziyiqiniso, kungafana nokunyela isihlahla

NGUPAPI Zothwane.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Ukhathazwa wukukhonjwa komqeqeshi weBay kwizimbangi

Mfanafuthi Ndlovu
 
UXAKWA yimibiko eyamanisa umqeqeshi wakhe namanye amakilabhu uSifiso "Jomo" Biyela ongumnikazi weRichards Bay FC, eqede isizini edlule ilolongwa ngokuhlanganyela nguRonnie Gabriel noPapi "Ginger" Zothwane.

Kunemibiko esabalele ekhomba uGinger kwiSekhukhune United, ehlukane no-Eric Tinkler ngesizini edlule.

Omunye umqeqeshi oyanyaniswa nale kilabhu, nguCedric Kaze obengomunye wabaqeqeshi beKaizer Chiefs ngesizini edlule.

UBiyela uthi kungaba yishwa uma lezi zindaba zingaba yiqiniso, ngoba uGinger akamazisanga lutho begcina ukuhlangana, bebopha amaqhinga abazogadla ngawo ngesizini ezayo.

Image

NGISIFISO "Jomo" Biyela.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Uthi yize eseke wawezwa la mahlebezi, kodwa akakaze azikhathaze ngawo ngoba akakaze atshelwe lutho nguGinger, athembayo ukuthi angaqala ngaye ukumtshela uma ethola amadlelo aluhlaza.

"Bengihlangene naye emasontweni amabili adlule, sibhunga ngabadlali okufanele sibasayinise, kanjalo nabasishiyayo.

"Ngingaphoxeka kakhulu uma lezi zindaba zingaba yiqiniso ngoba kungasho ukuthi ikilabhu kayihlonishwa.

"Njengamanje ngimatasa nokuthola umdlali ogijima esiswini, okungenye yezinto esavumelana ngazo sigcina ukuhlangana," kusho uBiyela.

Uthi bazoqala ukuhlangana ngesonto lokugcina kule nyanga, lapho bezokube behlola khona impilo kubadlali. Uthi kuzofanele aqhamuke nesu elisha uma ngempela izindaba zikaGinger zingaba yiqiniso.

Imizamo yokuthola uGinger iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala, kodwa lungabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.

0