19 | Ezemidlalo
Friday, 29 May 2026
NGU-ALLAN Freese ongumqeqeshi weMagesi FC.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
'USEWALUNGISE wonke amaphutha abashovele ehlathini' u-Allan Freese ongumqeqeshi weMagesi FC, ezokwamukela iCape Town City kowePSL Promotional Play-Offs ngoMgqibelo ngo-15h00 eSeshego Stadium.
IMagesi FC ithole ithuba lesibili lokulwela indawo kwiBetway Premiership iqeda kunombolo 15, okuyifake kule midlalo. Izembe ligence i-Orbit College eqede ibambe ibhuleki.
UFreese utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ukuthokozele ukuthola ithuba lesibili ngokuba kule midlalo yokuhlunga, ukulwela ukugcina ilungelo lokudlala kwiPremiership nangesizini ezayo.
NGU-KEAGAN Dolly nozakwabo kwiCape Town City, uTherlo Moosa, okulindeleke ukuba basize ikilabhu yabo uma isibhekene neMagesi.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Uthe kube wusuku oluhle kakhulu ukubalekela izembe ngeledlule, okwenze walola kahle abadlali bakhe ngokomqondo ukuba sesimweni esingcono.
"Sihlale phansi nabadlali, sacubungula amaphutha esiwenzile kwiPremiership, okungafanele siwaphinde kule midlalo ezayo.
"Bonke abadlali bazimisele ngokuthi siqale ngokuthatha amaphuzu agcwele kwiCape Town City ukuze siyivule kahle le midlalo," esho.
I-Magesi FC ithembele kuMcendisi Vandala, u-Edmore Chirambadare no-Elvis Chipezeze ukubala nje abadlali bayo abambalwa abanesipiliyoni.
ICity igabe ngoKeagan Dolly, uNjabulo Ngcobo noGabriel Amato ukukha nje phezulu.