Ezemidlalo | 18

Friday, 09 May 2025

Ubalisa ngesomiso samagoli umqeqeshi we-Arrows

Izophinde ibhekane ne-Orlando Pirates koweligi

Image

Basale bedangele abadlali beGolden Arrows bedliwa ngo-2-1 yi-Orlando Pirates koweligi ngoLwesibili.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

UBALISA ngesomiso samagoli uManqoba "TV" Mngqithi ongumqeqeshi weLamontville Golden Arrows edonsa kanzima kulezi zinsuku.

I-Arrows iguqiswe ngo-2-1 yi-Orlando Pirates koweBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Amagoli okunqobe ngawo iBucs avalelwe enethini nguPatrick Maswanganyi noTshegofatso Mabasa, kwathi ele-Arrows lashaywa nguSiyanda Mthanti.

UMngqithi uthi kunemidlalo abayigijima kahle kodwa behluleke ukuyinqoba.

Image

"Kule midlalo ewu-6 esiyidlalile, engikholwa wukuthi bekufanele sicoshe iphuzu kuwona ngoweStellenbosch, le eminye bekufanele siyinqobe.

"Inkinga kasikori, nami kangazi ukuthi kungani. Okungihlupha kakhulu emoyeni wukuthi abadlali bethu abashweba amathuba yilaba esibethembayo.

"Ngiyakholwa ukuthi kusazokwenzeka, ikilabhu isemgqeni, ibukeka iza kahle. Inkinga nje wukuthi uma unganqobi uzohlezi uchaza. Kodwa-ke izinto zisazojika," kusho uMngqithi.

I-Arrows izophinde ibhekana nayo iBucs koweligi ngoLwesibili ngo-19h30 e-Orlando Stadium, eSoweto.

0