18 | Ezemidlalo
Friday, 16 October 2026
NGU-PITSO Dladla ongumqeqeshi we-Arrows.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
Ebika eseFourways, eGoli
KULOKOZA inhlansi yethemba kuPitso Dladla ongumqeqeshi weLamontville Golden Arrows njengoba edalule ukuthi maduzane, sikhona isicoco abazosinqoba kwezidlalelwa ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL).
I-Arrows itonyulwe ukudlala ekhaya neChippa United koweLast 16 yeCarling Knockout emcimbini obungoLwesithathu ebusuku eLanghams Lifestyle Estates, eFourways, eGoli.
UDladla uthi kukhona okuhle okuzayo, abantu bazomangala.
"Uma ubuka kule miqhudelano edlule ebesilokhu siyidlala, besishoda kancane, siphuma sesihambe ibanga elide. Kancane kancane, kukhona okuhlanganayo, maduzane sizokuzuza okuthile," kusho uDladla.
NGU-ARTHUR Zwane ongumlolongi wamaZulu FC
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
U-Arthur "10111" Zwane ololonga AmaZulu FC aqhathwe neKruger United ekuhambeni, uthi lo mdlalo uzokuba nzima njengoba le kilabhu ingomakoti beligi.
Uthi njengoba isekhaya nje, izofuna ukuqinisekisa ukuthi iyaqeda ngabo.
NGU-ERIC Tinkler ocija iDurban City.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
U-Eric Tinkler ololonga iDurban City eqhathwe neStellenbosch FC ekhaya, uthi ufuna ukuqeda ishobolo lokungenzi kahle uma ebhekene neStellies.
Uthi yiyona kilabhu emumisa kabi selokhu eqale ukuqeqesha.
UDimitar Pantev ololonga iRichards Bay FC ezobhekana neSekhukhune United ekuhambeni, uthi nakuba esalicijisisa kahle iqembu lakhe kodwa unethemba lokuthi bazokwenza kahle kulo mqhudelwano.
Amakilabhu azobhekana kwiLast 16 yeCarling Knockout esewonke aqhathwe kanje:-
* Kruger United vs AmaZulu FC;
* Mamelodi Sundowns vs Marumo Gallants;
* Lamontville Golden Arrows vs Chippa United;
* Durban City vs Stellenbosch FC;
* Orlando Pirates vs Milford FC;
* Polokwane City vs Siwelele FC;
* Sekhukhune United vs Richards Bay FC;
* Kaizer Chiefs vs TS Galaxy.