18 | Ezemidlalo

Friday, 30 January 2026

Ukaputeni weBay FC nesicelo kubalandeli

Bahlelelwe amatekisi azobagodukisa emuva komdlalo

Image

NGUKAPUTENI weRichards Bay FC uSimphiwe Mcineka.

Senzo Sokhela

WENZA isicelo kubalandeli babo ngomdlalo womkhaya ukaputeni weRichards Bay FC, uSimphiwe "Khimba" Mcineka.

INatal Rich Boys (NRB) izokwamukela iLamontville Golden Arrows emdlalweni obhekwe ngabomvu weBetway Premiership ngoLwesihlanu ngo-19h30 eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay. Lo mdlalo uyindaba egudwini njengoba kwaziwa ukuthi amakilabhu angomkhaya kawafuni ukwehlulwa ngenye ngoba avele achomelane.

Image

I-Bay FC kuzomele imgadisise uJunior Dion uma ifuna ukubuyisa izinduku kwiLamontville Golden Arrows. 

UMcineka ekhuluma naleli phephandaba, unxuse abalandeli babo ukungquzuka kuzona zonke izinkalo ukuyocindezela i-Arrows kulo mdlalo.

"Engikucelayo kubalandeli bethu wukuthi beze ngobuningi babo ukuzoseseka kulo mdlalo. Siyaludinga kakhulu usizo lwabo ukuthi senze isiqiniseko sokuthi siyabehlula omkhaya.

"Kufanele sikusebenzise ukuthi sisekhaya, omkhaya bakuzwe lokho ngokuthi thina sibe nomdlali wesi-12 ngabalandeli enkundleni. Noma kanjani ibhola esizobe silidlala lizobe liseqophelweni eliphezulu," kusho uMcineka.

Image

YINKUNDLA iMhlathuze Sports Complex okuzodudulana kuyo iBay FC neGolden Arrows.

Kuzokhumbuleka ukuthi emlenzeni wokuqala iBay iguqe ngo-1-0 wegoli likaJunior Dion emdlalweni obuseKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Kwenzeka lokhu nje, iNRB imemezele ukuthi ihlele nabanikazi bamatekisi bakule ndawo namaphethelo ukuthi bahlinzeke ngezithuthi abalandeli abazohambela lo mdlalo. Kuthiwa la matekisi azokube elibangisa ezindaweni ezakhele iMpangeni, iRichards Bay namaphethelo.

0