18 | Ezemidlalo
Friday, 19 June 2026
NGUMQEQESHI omusha weChiefs, uFernando Da Cruz.
Mfanafuthi Ndlovu
UHLALELWE wumsebenzi onzima wokwakha inqanawe yeqembu elizokwazi ukumelana neMamelodi Sundowns kanye ne-Orlando Pirates umqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, uFernando Da Cruz (54), waseFrance, owethulwe ngokusemthethweni ngoLwesithathu ebusuku.
Lona wumbono kaFarouk Khan owayeyingxenye yethimba elaqashwa isipesheli nguKaizer Motaung ngo-2003/04 ukuqeda ishobolo leminyaka ewu-10 iziMpofana zingasazi isicoco seligi.
Wayeyisekela likaTed "Makepisi" Dumitru (ongasekho), elingaphoxanga njengoba laqukula iCastle Premiership ngesizini yalo yokuqala, layivikela nangelandelayo, ka-2004/05.
UKhan utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi unenhlanhla enkulu uDa Cruz njengoba ezothola isikhathi esanele sokuhlanganisa inqanawe ukubhekana neDowns neBucs, abangabhenywa kwiBetway Premiership.
Uthi kufanele aphumele obala efika nje kubaphathi beChiefs ngohlobo lwabadlali abadingayo, ukufeza izinhloso zabaqashi abafuna ukubona le kilabhu ibuyelwa wudumo lweminyaka edlule.
NGU-TED Dumitru (okwesobunxele, ongasekho), owake wawina iligi neChiefs. Lapha wathathwa enoDoctor Khumalo.
Uthi ubhekene nomsebenzi onzima wokuyakha kabusha le kilabhu eyagcina ukunqoba isicoco seligi ngo-2014/15.
Uthi okungamsiza wukuba nohlelo olucacile lokwenziwa kwezinto ngaphansi kwesandla sakhe, kanjalo namalungiselelo esizini ezayo ahleleke kahle.
Uthi kufanele akulindele ukuthi lo msebenzi unengcindezi eyesabekayo, abalandeli bazoqala ukumahlulela emuva kwemidlalo eyishumi ethathe izintambo.
Lo mqeqeshi uzosizwa nguMahmoud Abbas (35), wase-Egypt, one-A licence kwezokuqeqesha, kanti i-head of conditioning nguJulien Le Heran waseFrance.
UDa Cruz une-Uefa pro licence, okuyiziqu eziphezulu kwezokulolonga emhlabeni, kanti usayine inkontileka yeminyaka emibili kwiChiefs, enombandela wokwelulwa ngowesithathu uma zonke izinhlangothi ziseneme.
Lo mqeqeshi uhlangane okokuqala nabadlali beChiefs izolo ngoLwesine.