16 | Ezemidlalo
Friday, 02 October 2026
NGUYANELA Mbuthuma weBucs eqa amanqamnqeshe, eqashwe ngelokhozi nguDivine Lunga (kwesobunxele) noGrant Kekana beDowns.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
I-PREMIER Soccer League (PSL) yexwayisa abathandi bakanobhutshuzwayo ngobumqoka bokushesha ukuvula i-akhawunti yokuthenga amathikithi online, okubuka owamanqamu weMTN8 ophakathi kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, ozokuba ngoMgqibelo womhla ka-10 ku-October ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UFhatuwani Mpfuni owengamele ezokuxhumana kwiPSL, utshele ILANGA Lempelasonto ngoLwesine ekuseni, ukuthi le nhlangano seyizogxila kakhulu kule ndlela yokudayisa amathikithi emidlalo emikhulu, ukugwema ukukokotelwa kwawo.
Uthe okuhle ngale ndlela wukuthi othenga amathikithi usebenzisa inombolo yakhe yocingo.
Uthe balindele ukuthi aphele emahoreni amabili amathikithi njengoba bebaningi abantu abazwakalisa ukuthi bafuna ukuyobuka le ndumezulu yomdlalo, okukhulunywa ngayo kuzona zonke izindawo ezihlangana abantu abaningi; kubalwa amarenki, emajoyintini nasemasontweni imbala.
NGABALANDELI beBucs nabeDowns.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Amathikithi alo mdlalo abiza u-R150, kanti azodayiswa kusuka ngo-10 wasekuseni ngoLwesihlanu.
Azotholakala online kuphela. Ukuwathenga kungenwa ku: www.opentickets.co.za, kanti kufuneka ucuphe eduzane ngekhadi lakho lasebhange elinemali uma sewubamba ulayini wokuthenga ngoba umthengi uzokuba nemizuzu ewu-10 nje kuphela ukukhokha.
Kuvumeleke ukuba umuntu oyedwa athenge amathikithi amane nje kuphela, ukuvulela nabanye ithuba.
Lo mdlalo uthathwa njengowamagqubu njengoba la makilabhu eyizimbangi ezinkulu muva nje kwiPSL, yiwona asejwayele ukuba sembangweni wesicoco seligi kanjalo nezinkomishi zemikhumulajezi.
Egcina ukuhlangana kowamanqamu weMTN8 la makilabhu, kwanqoba iPirates ngo-3-1 wamaphenathi kuyona le nkundla ngo-2023.
Lowo mdlalo wawuphele ngo-0-0 emuva kwe-extra time kanti nawo wawuqale ngo-18h00.
NGUFHATUWANI Mpfuni.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Yikuyona futhi le nkundla lapho iPirates iqale khona umkhankaso wayo wokunqoba le nkomishi ngenhloso yokuyigcina ekhabetheni layo isikhathi eside ngo-2022, lapho eyaguqisa khona AmaZulu FC ngo-1-0 wegoli likaMonnapule Saleng.
IBucs iphinde yasidla kuyona futhi le nkundla lesi sicoco nango-2024 iguqisa iStellenbosch FC ngo-3-1 kwathi ngonyaka odlule yaphinda yehlula yona iStellies ngo-3-0 kowamanqamu owawuseMbombela Stadium, eMpumalanga. Izingqwele zalo mqhudelwano zithola uR10 million.