18 |Ezemidlalo
Friday, 01 May 2026
NGABADLALI beDurban City bematasa ejimini, belungiselela owamanqamu weNedbank Cup.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
IZIMISELE ngokulwela iKwaZulu-Natal ngokuqeda ishobolo lendlala yezicoco iDurban City ezovovana inkani neTS Galaxy kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo ngo-18h00 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Selokhu iKZN yagcina ukuqukula inkomishi ngesikhathi iLamontville Golden Arrows ilobola i-Ajax Cape Town ngo-6-0 kowamanqamu weMTN8 ngo-2009 e-Orlando Stadium, eSoweto.
Kulo mdlalo kuzobuya uSphamandla Ncanana ongukaputeni weCity, obengekho ngeledlule le kilabhu idlala ngokulingana ne-Orbit College ngo-1-1 koweligi eChatsworth Stadium, eThekwini.
Lokhu sekuholele ekutheni le kilabhu ibe nomdlandla ngaphambi kwalo mdlalo, njengoba seyihlome kahle emuva.
Lo mdlali uthi kubalulekile ukumela isifundazwe ngezinga eliphezulu njengoba bethole nezilokotho ezinhle nakuMntomuhle Khawula ongungqongqoshe wezemidlalo kulesi sifundazwe.
"Siyakuqonda ukuthi sesimele bonke abantu baseKZN, futhi kumqoka ukuba singaphoxi, sibuyise udumo lokuba namakilabhu ahlabana ngezindondo esigabeni esikhulu.
"Phela kwagcina kudala ukuthi ikilabhu yesifundazwe idle ubhedu. Kimina kusho lukhulu ukuyodlala umdlalo wamanqamu empilweni yami. Kubalulekile ukuba sibuye nendondo yegolide," esho.
KUSUKA kwesobunxele; ngukaputeni weTS Galaxy, uSipho Mbunjana; ngumnikazi wayo, uTim Sukazi; ngumnikazi weCity, uFarook Kadodia nokaputeni wayo uSphamandla Ncanana.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Uthi uyazi ukuthi iGalaxy izoza negqubu njengoba beyishaye kabili kweyeligi.
Uthi izoya kubona ifuna ukubuyisa izinduku.
"Yiqiniso ukuthi emidlalweni esibe nayo yakamuva kasenzanga kahle. Nokho sifuna ukukujika konke lokho kulo mdlalo wamanqamu," esho.
U-Ashraf Hendricks osethimbeni labaqeqeshi beCity, uthi yithuba elihle kubadlali lokuziphendlela indlela yokuyodlala kwiCaf Confederation Cup, okuyinto eyiphupho labadlali abaningi.
Uthi bazozama ngawo wonke amandla ukunqoba lo mdlalo yize kuzokuba nzima. Uthi indaba yokuthi iTS Galaxy isiholwa nguBernard Parker njengenhloko yabaqeqeshi, kayibashayisi ngovalo, kodwa bazokuya ngenhlonipho kulo mdlalo.
Emuva kwalo mdlalo wamanqamu, iDurban City izovovana inkani neSiwelele FC koweBetway Premiership ngoLwesibili ngo-19h30 eDr Petrus Molemela Stadium, eBloemfontein.