18 | Ezemidlalo

Friday, 13 March 2026

Siyazishwashwatha


IChiefs yethembisa ukwesula abalandeli izinyembezi


Image

WENZA isethembiso kubalandeli beKaizer Chiefs umdlali wale kilabhu osanda kufika njengoba ethi noma kanjani, bazobesula izinyembezi ngokunqoba iDurban City koweBetway Premiership ongeSonto ngo-15h30 eFNB Stadium, eSoweto.

IChiefs iya kulo mdlalo nje, seyihlulwe emidlalweni emine ilandelana.

U-Asanele Velebayi (osesithombeni), odlala esiswini kwiChiefs, uthe: "Kubalandeli bethu ngifuna ukusho ukuthi kwathina kasikho esimweni esihle ngokomqondo ngenxa yokungenzi kahle kwekilabhu.

"Sikuqonda kahle ukuthi bakhathazekile ngesimo ikilabhu ekusona, kodwa kufanele bazi ukuthi sisonke kule nto.

"Siyazi ukuthi emidlalweni emine sesihlulwe kuyona yonke. Okuhle wukuthi sinomdlalo ngeSonto, esizokwenza isiqiniseko sokuthi sibesula ngawo izinyembezi ngokuthi siwunqobe. Sizimisele ngokuphinda sibajabulise."


Useluleme unozinti wokuqina wamaKhosi


Image

NGUNOZINTI weChiefs, uBrandon Petersen (kwesobunxele), enomqeqeshi wonozinti bale kilabhu, u-Ilyes Mzoughi.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

ANGASE akhuze ibuya unozinti wokuqina weKaizer Chiefs, uBrandon Petersen njengoba kuvela ezithi useluleme ngokuphelele ekulimaleni okumhlalise ngaphandle cishe inyanga yonke.

Lo mdlali wahlinzwa emuva komdlalo weChiefs ne-Orlando Pirates eyawunqoba ngo-3-0 ngenyanga edlule eGoli.

UPetersen akazange abonakale kulo mdlalo kwazise wayevele engaphilile kahle, kwakuvimbe uBruce Bvuma.

UPetersen angase abonakale emdlalweni neDurban City ongeSonto ngo-15h30 eGoli. Kulo mdlalo uzokube engekho uSibongiseni "Ox" Mthethwa ngenxa yamakhadi aphuzi.


Umqeqeshi woSuthu uqine idolo ngaphambi komdlalo neBay FC


Image

NGU-ARTHUR Zwane ongumqeqeshi woSuthu, enabadlali bakhe.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UQINISWA idolo wubudlelwano obuhle anabo nabadlali u-Arthur "10111" Zwane ongumqeqeshi wamaZulu FC azogadulisana neRichards Bay FC koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

USuthu lusazikhotha amanxeba njengoba luwashiswe ijezi yiCasric Stars ngo-2-1 koweNedbank Cup, yize idlala esigabeni esincane.

NeBay iphefumula ngenxeba njengoba iguqiswe yi-Orlando Pirates ngo-2-0 koweligi ngoLwesithathu ebusuku eSoweto.


UZwane uthi ubheke ukuba abadlali babuyise isithunzi sale kilabhu ngokunqoba lo mdlalo wasekhaya.

USuthu lungase luye kulo mdlalo ngaphandle kukaThandolwethu Ngwenya, uLiam Bern, u-Elmo Kambindu noRyan Moon.

IBay igabe ngoSanele Barns, uTlakusani Mthethwa noThulani Gumede.


Bazohlonishwa emidlalweni yePSL abashonile


Image

I-PREMIER Soccer League (PSL) imemezele ukuthi izohlonipha ngomzuzu wokuthula - ngaphambi kokuqala kwayo yonke imidlalo yalesi sigaba - ukudlula emhlabeni kukaMosiuoa "Terror" Lekota obengusopolitiki, uCharles "Makhalanjalo" Fantisi obengumlandeli wokuqina we-Orlando Pirates noLuyanda "uSuthu Queen" Mbuyazi obefana nobuso bamaZulu FC.

ULuyanda uzofihlwa ngeSonto eMelmoth.

0