17 | Ezemidlalo

Friday, 30 January 2025

Image

NGUMQEQESHI we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou.

Uzolwela ukuqinisa amabhawodi asaxega kwiPirates

Umqeqeshi ukhathazwa wubuthuntu bezakhe phambi kwamapali

Senzo Sokhela

UVEZA okufanele bakulungise ngokushesha uma bezimisele ngokuthatha isicoco seBetway Premiership umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou.

IBucs izodudulana neMagesi FC koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-18h00 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane. IBucs ingenye yamakilabhu athishwa ukuthatha isicoco seligi njengoba nayo isembangweni.

Umqeqeshi wayo uthi yize kunezinto eziningi abazilungisile ngesikhathi sekhefu le-Africa Cup of Nations (Afcon) kodwa ukholwa wukuthi kukhona okunye futhi okufanele bakulungise.

Image

NGUMQEQESHI wePirates u-Abdeslam Ouaddou nomsizi wakhe uMandla Ncikazi.

"Selokhu kuqale isizini ithimba lethu lenze omkhulu umsebenzi ukulungisa izindawo ezithile ebezixega. Kodwa engikuqaphele ngalo mdlalo esibuya kuwona weSekhukhune United (ophele ngo-0-0) wukuthi indawo okufanele siyicijisise uma sifuna isicoco seligi yiphambili, sibuthuntu phambi kwamapali.

"Kodwa-ke okufanele ngikucacise wukuthi kasinendaba kangako ukuthi amanye amakilabhu kumbe izimbangi zethu zenzani, sizibheke thina. Thina kufanele sinqobe imidlalo yethu nje kwaphela," esho.

Image

NGUYANELA Mbuthuma weBucs ezama ukudlula kuJohn Mokone weMagesi FC. 

* Isiyonke imidlalo weBetway Premiership ezokuba ngale mpelasonto iqhathwe kanje:
NGOLWESIHLANU
ERichards Bay Stadium: Richards Bay FC vs Golden Arrows 19h30.
NGOMGQIBELO
EBuffalo City Stadium: Chippa United vs Durban City 15h30.
EDr Molemela Stadium: Marumo Gallants vs AmaZulu 15h30.
E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Magesi 18h00.
E-Old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City vs Orbit College 18h00.
NGESONTO
EMbombela Stadium: TS Galaxy vs Sekhukhune United 15h30.

0