17 | Ezemidlalo
Friday, 14 August 2026
NGU-LUKE Baartman.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uFernando Da Cruz waseFrance, uveza okumchaza ngomdlali, uLuke Baartman (20), okhombisa ukuba sefomini enhle kulezi zinsuku.
IChiefs iguqise ngo-2-0 iSekhukhune United koweBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku eFNB Stadium, eSoweto.
Amagoli eChiefs avalelwe enethini nguBaartman noMduduzi Shabalala. IChiefs izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni obhekwe ngabomvu ngabathandi bebhola weBetway Premiership ozokuba ngoMgqibelo ngo-15h00 eFNB Stadium, eSoweto.
NGU-BAARTMAN enomqeqeshi wakhe, uFernando Da Cruz.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UDa Cruz akawuvali umlomo ngoBaartman odlala esiswini kwiChiefs, odlala ingcwenga yebhola selokhu kuqale isizini.
"Ibhola lesimanje lenza abadlali badlale kunoma yiziphi izindawo. Abadlali abasebancane njengoBaartman kumqoka ukuthi ngibanike ithuluzi lokuthi bakwazi ukudlala noma yikuphi.
"Ngifuna angene khaxa noma yikuphi lapho engifuna ukumubophela khona.
"Okumqoka kuyena wukuthi akwazi ukufunda kahle umdlalo, afunde nje nezinto ezithile okufanele azenze ngesikhathi umdlalo usaqhubeka.
"Okungichazayo wukuthi uyangilalela futhi enze lokhu engimtshele khona. Uphiwe yena, unezinto ezehlukile ngaye, abadlali abaningi abangenazo.
"Kodwa into ebalulekile okufanele laba badlali abasebancane bayenze, wukufunda ukulalela umqeqeshi ngoba lokho kumqoka.
"Usashoda ngesipiliyoni, yingakho kubalulekile ukuthi simuvikele ngaso sonke isikhathi," kusho uDa Cruz.