17 | Ezemidlalo
Friday, 04 September 2026
NGU-BRADLEY Cross (okwesobunxele) enozakwabo, okuvela ukuthi useluleme.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
EZIMNANDI ekhempini yeKaizer Chiefs ngesimo sabadlali bayo abebehaqwe wukulimala.
IChiefs izogadulisana neSiwelele koweBetway Premiership ngeSonto ngo-17h30 eDobsonville Stadium, eSoweto.
Iya kulo mdlalo nje, ike yaba nezinkinga ilinyalelwa yibona bonke abadlali bayo abadlala ohlongothini lwesobunxele emuva.
Ize yaphoqekela ukuchibiyela ngoPule Mmodi odlala esiswini.
UFernando da Cruz ololonga iChiefs, uveze izindaba ezimnandi ngabanye abadlali bakhe abadlala kule ndawo.
NGULANGELIHLE Phili ongomunye wabadlali okuvela ukuthi usazohlala isikhathi engadlali.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Uthi uBradley Cross, uPaseka Mako, uReeve Frosler noKabelo "Matlaba" Nkgwesa sebeluleme.
"Abantu abasazohlala isikhathi eside bengadlali ngenxa yokulimala nguThabiso Monyane noLangelihle Phili.
"Okungijabulisayo wukuthi uMako, uCross, uKabelo noReeve Frosler sebeluleme.
Kabakalulami ngokugcwele, kodwa bona bawumqemane.
"Ngikholwa wukuthi emuva kwamasonto amabili bazobe besesimweni esihle sokudlala.
Bona bayabuya kancane kancane abadlali bethu ngoba nomgadli wethu uFlavio Silva uyabuya emuva kwamasonto amabili,'' kusho uDa Cruz.
Isiyonke imidlalo yeBetway Premiership engempelasonto iqhathwe kanje:
NGOLWESIHLANU
ERoyal Bafokeng Stadium: Marumo Gallants vs
Polokwane City 19h30.
EPrincess Magogo Stadium: Richards Bay vs AmaZulu
19h30.
NGOMGQIBELO
EBuffalo City Stadium: Chippa United vs Milford 15h00.
E-Old Peter Mokaba Stadium: Sekhukhune United vs TS Galaxy 17h30.
NGESONTO
EKing Goodwill Zwelithini Stadium: Golden Arrows vs
Mamelodi Sundowns 15h00.
EDobsonville Stadium: Kaizer Chiefs vs Siwelele 17h30.