16 | Ezemidlalo
Friday, 16 October 2026
Senzo Sokhela
Ebika eseFourways, eGoli
I-ORLANDO Pirates kayeneme ngempumelelo yeMamelodi Sundowns eseyinqobe kabili iCaf Champions League, okwenze yakubeka kwacaca ukuthi nayo iyayidinga inkanyezi yesibili kule sizini etholakala ngokuqukula lesi sicoco esikhulukazi kwezidlalelwa e-Afrika.
Ukudingeka kweChampions League ekhabetheni leBucs kule sizini, kuqinisekiswe ngumqeqeshi wayo, u-Abdeslam Ouaddou (osesithombeni).
IBucs izoqhuba umkhankaso wayo wokufuna lesi sicoco uma seyidudulana ne-African Stars yaseNamibia emlenzeni wokuqala wokuhlunga walo mqhudelwano, ozokuba ngoMgqibello ngo-15h00 eBotswana.
Iya kulo mdlalo nje, iqhathwe neMilford FC kwiLast 16 yeCarling Knockout emcimbini obungoLwesithathu ebusuku eLanghams Lifestyle Estates, eFourways, eGoli.
U-Ouaddou ekhuluma nabezindaba kulo mcimbi, uthe inkomishi eseqhulwini kwabazifunayo ngale sizini, yiChampions League.
"Abafana bayazi ukuthi badlalela ikilabhu enjani. Bayazi ukuthi uma udlalela ikilabhu enkulu njengePirates, uhlala ubhekene nezinselelo.
"Kodwa-ke inkomishi okuyiyona esiyifuna kakhulu yiChampions League. Siyazi ukuthi kasenzanga kahle kuyona ngesizini edlule, njengoba sehluleke ukungena esigabeni samaqoqo, kulokhu sifuna ukuyinqoba.
"Lokho kakuchazi ukuthi lezi ezinye kasizifuni, iBetway Premiership siyayidinga nayo kanjalo nezinye. Uma ugqoka ijezi lePirates, kufanele wazi ukuthi uligqokela ukunqoba yonke into," esho.
Lo mqeqeshi uveze ukuthi uKamohelo Sebelebele uzohlala cishe amasonto awu-5 engadlali, ngenxa yokulimala.