16 | Ezemidlalo

Friday, 04 Friday 2026

Image

NGUMQEQESHI weBucs, u-Abdeslam Ouaddou.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Umqeqeshi weBucs ubalula izivivinyo ezinzima ababhekene nazo


Uveze umqhudelwano omqoka kubona kule sizini

Senzo Sokhela

UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, uphumela obala ngeCaf Champions League abashaye udaka kuyona ngesizini eyedlule.

IBucs izogadulisana neLa Cure Waves yaseMauritius emlenzeni wokuqala walo mqhudelwano ngeSonto ngo-13h30, kulo leliya lizwe.

Ishaye udaka kulo mqhudelwano ngesizini eyedlule iphuma esigabeni sokuqala.
Ikhishwe yiFC Lupopo yaseDR Congo.

Image

U-Ouaddou uthi: "Njengamanje ngingasho ukuthi izinto zethu zisahamba kahle, imiphumela isasivuna. Kuseza inqwaba yemidlalo emqoka okusafanele sibhekane nayo.

"Ngale mpelasonto nje, sibhekene nezivivinyo ezinzima njengoba siqala umkhankaso weCaf Champions League.

"Kukhulu okulindelwe kithina, kodwa nathi siwulindele lo mdlalo.
Lo mqhudelwano umqoka ngendlela eyisimanga kithina, futhi yiwona oseqhulwini kwesifuna ukuyinqoba ngale sizini kwazise ngesizini eyedlule siphoxile.''

KoweCaf Confederation Cup, iDurban City izogadulisana neRukinzo yaseBurundi emlenzeni wokuqala ozokuba ngeSonto ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

0