16 | Ezemidlalo

Friday, 07 November 2025

IPirates ifuna ukushiya kukhalwa eKZN

Ithi beyexwayisa iBay FC ngesikhathi ibukisa nge-Arrows
Image

NGABADLALI bePirates, uThalente Mbatha, uKamogelo Sebelebele no-Evidence Makgopa.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Senzo Sokhela

I-ORLANDO Pirates ihlose ukushiya kukhalwa KwaZulu-Natal ngokubhubhisa ngesibhaxu amakilabhu akulesi sifundazwe eqhathwe nawo.

IBucs izodlala neRichards Bay FC kwiSemi final yeCarling Knockout ngoMgqibelo ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Iya kulo mdlalo nje, ngoLwesithathu ebusuku ibukise ngeLamontville Golden Arrows iyitaxa ngo-3-1 koweBetway Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

U-Abdeslam Ouaddou ocija iBucs, uthi bebehlose ukuthumela umyalezo kwiBay ngesikhathi benenebula i-Arrows ngamagoli okube wumkhonto ogwaze ekhaya ka-Ayanda Jiyane  namabili kaYanela Mbuthuma.
Ele-Arrows lishaywe nguThokozani "K Master" Khumalo.

U-Ouaddou, ekhuluma nabezindaba eThekwini ngoLwesine ngaphambi komdlalo neNatal Rich Boys, uthe: "Umdlalo weBay uzokuba nzima ngoba iyikilabhu okunzima ukuyiqonda ukuthi idlala kanjani, kwazise ibophele abadlali abasebancane nabanesipiliyoni, kanti nomqeqeshi wayo ukhaliphile. Kodwa-ke nawo lo mdlalo uzofika siwulungiselele.

"Esikwenze emdlalweni we-Arrows bekuyindlela yokuthumela umyalezo kwizimbangi esizobhekana nazo ukuthi kufanele zilindeleni kithina. Sithatha umdlalo ngamunye, ngakho-ke iBay kufanele ikuqonde ukuthi sizele iwini kulo mdlalo ngoba sihlose ukunqoba zonke izicoco esizozidlalela.

"Engikucelayo wukuthi abalandeli bethu baqhubeke nokuseseka njengoba benzile sibhekene ne-Arrows," kusho u-Ouaddou.

Image

NGUMQEQESHI wePirates, u-Abdeslam Ouaddou.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Lo mqeqeshi uveze ukuthi babambe umoya ngoSihle Nduli odlala esiswini, ophume ngohlaka emdlalweni we-Arrows ekhala ngezinhlungu.

"Engingakusho wukuthi ikilabhu ilapha eThekwini, kodwa yena useGoli lapho ehlolwa khona ngodokotela bekilabhu.
Okwamanje sisabambe umoya ngaye," kusho u-Ouaddou.

Ebuzwa ngokungabonakali kukaTshegofasto Mabasa emidlalweni emine edlule noKamogelo Sebelebele oseqiwe ngemine, uthe: "Baseyingxenye yeqembu, nelabo ithuba liyeza."

0